Kuyaphela ukugaqela ngomqeqeshi weBafana?

OKADONGA GUMBI

Seyibize umhlangano ophuthumayo nabezindaba iSAFA ngoLwesithathu emini la okulindeleke yethule khona umqeqeshi omusha weBafana Bafana.

Le nhlangano beyimemezele NgoLwesihlanu oludlule ukuthi seyiqede konke nomqeqeshi ozopheka iBafana nokulindeleke ayifake kwiNdebe yoMhlaba.

Nokho kuke kwanokudideka ngeSonto seyikhipha isitatimende ikuphika lokhu kulandela ukuthi iCity Press iphume nombiko wokuthi lowo mqeqeshi nguBenni McCarthy.

Kuphinde kwavela nokuthi empeleni kwaMolefi Ntseki obekulesi sikhundla phambilini obengazange axoshwe, funda lolu daba lapha: https://bit.ly/3xPt3eI.

Kodwa kwezakamuva sekubikwa ukuthi empeleni umqeqeshi oqashwe yiSAFA nguHugo Broos waseBelgium. Nguye okubhekwe ukuba ethulwe emhlanganweni wangoLwesithathu.

Uma iSAFA imethula lo mqeqeshi, izobe iqeda ukuqagela okwaqala ngenyanga edlule ngesikhathi imemezela ukuthi uNtseki usexoshiwe.

Maningi amagama abaqeqeshi asebeke babalwa njengabahamba phambili ekuthatheni lo msebenzi.

Ukukha phezulu nje, singabala uMcCarthy, Pitso Mosimane, Eric Tinkler, Carlos Queiroz noHerve Renard.

UMosimane kuthiwa nguyena obephambili ohlwini lweSAFA kodwa wenqaba ukuwuthatha lo msebenzi ngisho esencengwa wuNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli, uNathi Mthethwa. Nalu udaba: https://bit.ly/3eTnH9H.

NoMcCarthy uke wazanywa njengoba iSAFA yashushumba yayokhuluma nemenenja yakhe uRob Moore, kodwa AmaZulu ashaya phansi ngonyawo athi akayi lapho.

Umqeqeshi omusha weBafana uzozithola enengcindezi enkulu njengoba iSAFA igcizelela ukuthi ifuna leli qembu libe ngelinye lazobe eseNdebeni yoMhlaba eQatar ngonyaka ozayo.

 

UBroos unerekhodi elide futhi elihle eluqeqesheni njengoba elolonge amaqembu aphezulu ngakubo eBelgium okuyiClub Brugge, Anderlecht neKB Oostende.

Nguye futhi owayehola iCameroon ngesikhathi idla isicoco seCAF Africa Cup of Nations (AFCON) ngo-2017.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.