Kuyasolisa ukushiya isigubhukane kukaKeagan Buchanan noPogiso Sanoka kwiMaritzburg United

UKeagan Buchanan
  1. OKADONGA GUMBI

Kukhomba ukungenami nokungeneliseki ngezinto ezithile ukushiya isigubhukane kwabamdlali abebeyizethenjwa nabese nehlale isikhathi eside kwiMaritzburg United, oKeagan Buchanan noPogiso Sanoka.

Laba badlali bekumele kuvuselelwe izinkontileka zabo ekupheleni kwale sizini, kodwa iqembu lanquma ukubadedela khona manje kunokuba lixoxisane nabo.

USanoka ube nenhlanhla washeshe walithola elinye iqembu njengoba esesayine ku-Owen Da Gama kwiTS Galaxy, kanti uBuchanan kuthiwa akajahile ukuthola elinye iqembu kwazise usafuna nokupholisa ikhanda.

“Sifisa ukubonga uPogisho noKeagan ngomsebenzi abawenzele iqembu kulamasizini ambalwa edlule. Bobabili balisebenzele kakhulu iqembu kulesi sikhathi belapha futhi siyababonga ngalokho. Sibafisela okuhle,” ucashunwe esho kanje usihlalo weBlue Hearts, uFarook Kadodia.

Nokho Impempe seyithole ukuthi laba badlali bebegeneme ngobekubekwa yiqembu etafuleni njengoba belixoxisana nabo ngokuvuselela izinkontileka.

“Bese belisebenzele isikhathi eside iqembu. USanoka wafika ngo-2015 kwiMaritzburg kanti ubezibona ebalulekile eqenjini kodwa abebezimisele ukumnika khona akumenelisanga, kwabe sekunqunywa ukuthi okungcono akasheshe adedelwe.

“Anginaso isiqinsiseko kahle ngoBuchanan kodwa naye ngiyacabanga yinto efanayo kwazise naye beyizophela ngoJune inkontileka yakhe,” kusho osendelene naleli qembu ocele kufihlwe igama lakhe.

Ukuhamba kukaBuchanan kuthiwa kushiye isikhala esikhulu hhayi ngokokudlala nje kuphela kodwa nangaphandle kwenkundla kwazise obengumngani nabadlali abaningi.

Omunye wabo nguTravis Graham ophumele obala kwiTwitter washo ukuthi uphatheke kabi ngokuhamba kukaBuchanan abesanda kuqala ukumazela eduze. UGraham ufike kuMaritzburg ngoJanuwari.

“Ngiyabonga ngakho konke mfowethu. Izinto ezinkulu zisazokwenzeka empilweni yakho. Sibe sincane isikhathi sindawonye kodwa ngifunde lukhulu kuwe. Bambelela okholweni, uMdali unecebo ngawe,” kusho uGraham.

UBuchanan yena ubhale omcane umlayezo khona kwiTwitter: “Ukujika kwesimo ngeke ukubalekele. Ukukhula uyazikhethela.”

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.