Kuyazwela kuMbali ukugqoza kwemijaho

UMbali Xaba

ALFRED NGUBANE

Ukuvalwa kwezwe ngomvalelandlini kushintshe impilo yomsubathi waseMgungundlovu uMbali Xaba ogijimela iqembu laseThekwini AmaRavens Athletic Club.

Uthi kumzwise ubuhlungu ngoba abagijimi abaningi baziphilisa ngokugijima bondle nemindeni yabo ngakho kodwa bayaqonda ukuthi izimpilo zibalulekile kakhulu.

“Indlala yemqudelwano kuleli isaqhubeka, kepha asizibekile phansi siyaqhubeka nokuzilungiselela imdlalo elandelayo,” kusho uMbali.

Usegijime iSpar Ladies Challenge amahlandla angaphezulu kwayishumi kanti nakwiSoweto Marathon, TotalSports Marathon usebuya khona kaningana.

Le ntokazi inothando lezokusubatha kanti yake yehlelwa ingozi yemonto yahlala imnyaka eyishumi ingagijimi kodwa ngenxa yokuthi ilangabu lalo mdlalo bekisavutha ngaohakathi, ivuke yazithatha ngeMandela Marathon 21km.

UMbali uphinde waveza isifiso sakhe sokuqeqesha abasubathi abasafufusayo ezindaweni zasemakhaya kwaKwazulu-Natal. “Ngifuna ukushintsha umlando nomcabango wokuthi ngabaqeqeshi besilisa kuphela abaqhakanjiswayo kwezokusubatha nokuyibona abakhonyayo.

“Ngiyafisa nokunxenxa futhi nginxuse abanye abantu besifazane ukuthi mabangene kwezokuqeqesha, bangazenyezi,” kusho le ntokazi.

Khonamanjalo, uMthokozisi Khuzwayo ongumsunguli we-AmaRavens uthi uzoyovundulula abasubathi eMbumbulu lapho edabuka khona.

Unxuse namanye amaqembu abasubathi ukuthi angabalibali abagijimi basezindaweni zasemakhaya abangenawo izinsiza kodwa abanekhono nezifiso zokuba ngabagijimi abaseqophelweni eliphezulu.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *