Kuyehlela kwiSundowns, kuyaqansa kwiPirates kweyeCaf

Kuyehlela kwiSundowns, kuyaqansa kwiPirates kweyeCaf
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns iqhathwe neqembu lase-Angola emzuliswannei womkhumulajezi kwiCaf Champions League ngoLwesibili ntambama.

IPetro De Luanda akulona iqembu elingayiphathisa ngekhanda iSundowns kodw ake ngoba phela ibhola liyagingqika komele iqaphele nayo.

Kodwa emaqenjini anzima ebingas eiwathole, kubonakala leli lase-Angola kuyilona elingconywana impela.

Omkhaya bayo, i-Orlando Pirates yona izothwala kanzima impela emzuliswaneni womkhumulajezi kwiCaf Confederations Cup.

EZimnyama ziqhathwe nompetha baseTanzania iSimba SC eyehlele kulo mqhudelwano ngemuva kokuhluleka kwiChampions League.

Nokho kuzofuneka abaqeqeshi bePirates beyothekela ulwazi komakhelwane babo iKaizer Chiefs abayibhuquzisa ngo 4-1 iSimba kwiChampons League ngesizini edlule.

Womabili lamaqembu akuleli abeqede eqhwakele emaqoqweni awo esigabeni samaqoqo kanti asengamanye abhekiwe ekutheni adle izicoco kule miqhudelwano ngokwehlukana.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.