Kuyenzeka umdlali abe nosuku olubi, kusho uZinnbauer ngoHlatshwayo

UThulani "Tyson" Hlatshwayo

OKADONGA GUMBI

Ukufika kukaThulani Hlatshwayo kwi-Orlando Pirates kwemukelwa ngenhlokomo ngabalandeli kwazise yayihlabane ngesiqongqwane sesitobha.

Okwakujabulisa abalandeli kakhulu wukuthi lo mdlali wayekade akuveza ukuthi uyafisa ukudlala , akhula ezilandela, ngaphambi kokuba awabeke ethala amakhokho.

Nokho izinto ziyamphika lo mdlali kusukela afika kuleli qembu njengoba elandelwa ibhajana lokwenza amaphutha adliselayo.
Sekube imidlalo emibili kulandelana lo mdlali obizwa ngelikaTyson efaka iBhakhaniya.

Washaya igoli elaba ngumkhonto odla ekhaya bedlala neSwallows FC, kanti ngeSonto uphe uPeter Shalulile igoli bedlala neMamelodi Sundowns.

Lokhu kushiye abalandeli bedikibele abanye bethi sekumele ake ashukushe ibhentshi kancane.

Kodwa umqeqeshi wakhe, uJosef Zinnbauer umvikelile wathi bawina futhi bahlulwe beyiqembu, akukhonjwa umuntu oyedwa ngenjumbane.

“Angifuni ukukhuluma ngamaphutha abadlali, lokho sikwenza sesisodwa esithe,” kusho uZinnbauer.

“Kodwa engingakusho wukuthi kuyenzeka kube nesimo la abadlali beba nosuku olubi… Uma sibheka ekuqaleni kwesizini, ubeyinsika yethu. Ungumholi futhi uyalilwela iqembu.

“Njengamanje usalahlwe yinhlanhla, kodwa usedlale imidlalo eminingi engaphumuli.

“Nasejimini uhlezi ezinikele, ehamba phambili ehola iqembu,” kuchaza uZinnbauer.

UHlatshwayo – ongukaputeni weqembu lesizwe, iBafana Bafana – wagixabezwa isikhundla sobukaputeni efika kwiBucs.

Abanye sebesola ukuthi yikho lokho okumsindayo ngoba kwakuchaza ukuthi iqembu libeke amathemba alo kuye.

“Akulula uma sikhuluma ngomholi, ukukhuluma ngokaputeni. Usuke engeyedwa enkundleni…

“Uma sisejimini, ngaphambi kokuba siqale noma sesizilolonga noma sesiqedile uhlezi ekhuluma nabadlali abasebancane ebagqugquzela.

“Ungumholi, uyabagqugquzela ozakwabo nabafana abancane… uyabasiza ngezinkinga zabo. Uhlezi evela uma kukhona abamdingayo.

“Ngakho akulula ukuthi sithi akakuyeke lokho azibheke yena. Mhlawumbe udinga ukuphumula kancane, ungumdlali omkhulu, umdlali weqembu lesizwe,” kuchaza uZinnbauer.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *