Kuyibhedelile iRoyal AM, inkantolo isichithile isicelo sayo

Kuyibhedelile iRoyal AM, inkantolo isichithile isicelo sayo
UShauwn "MaMkhize" Mkhize
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Sichithiwe isicelo seRoyal AM sokuthi iPremier Soccer League (PSL) kuthiwe iphule umyalelo wenkantolo ngokuthi kuqhubeke imidlalo yokuhlunga iqembu elizodlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

IRoyal AM ibifake isicelo lapho iphinde yaphakamisa khona ukuthi kuboshwe isikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL, uMato Madlala, izinsuku ezingu-30. Beyifuna aboshwe ngokwephula umyalelo wenkantolo wokuthi ingaqali imidlalo yokuhlunga.

Leli cala selidonse isikhathi eside futhi selize lazala elinye icala njengoba iRoyal AM kaShauwn “MaMkhize” Mkhize, ingazange ilubhade emidlalweni yokuhlungela iqembu elizodlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

UMaMkhize ufuna iqembu lakhe kuthiwe yilona elibe ngompetha beGladAfrica Championship, bese linyuselwa kwiDStv Premiership esikhundleni seSekhukhune United.

ISekhukhune inikwe amaphuzu amathathu ngemuva kokuwina icala layo nePolokwane City eyephula umthetho wabadlali be-Under 23 abahlanu, okumele babe khona emdlalweni.

Nokho iRoyal AM ayikuvumanga lokho njengoba inqume ukudlulisela udaba phambili. Ibizeseka ngokuthi iSekhukhune bekungamele inyukele phezulu yaze yayisa udaba enkantolo ephakeme.

Leli qembu laKwaZulu-Natal beliqede endaweni yokuqala kwilogi kodwa inkantolo ibisivele isikhiphile isinqumo sokuthi iSekhukhune iliwinile icala futhi izonikwa amaphuzu amathathu. La maphuzu enze ukuthi iRoyal AM ibuyele endaweni yesibili.

FUNDA NALA: Selikhalile izembe kuKatsande, onabi abalandelayo? 

IRoyal AM ayiyidlalanga imidlalo yokuhlunga okuyinto eyiphoxe kakhulu iPSL. Lokhu kuholele ekutheni iPSL ifakele iRoyal AM icala lokudicilela phansi isithunzi sayo. Nokho ezikaMaMkhize azifikanga amahlandla amabili kuleli cala, osekubhekwe ukuthi lihlalelwe ngoJulayi 31.

Okuphambili abakhala ngakho abeRoyal AM ukuthi kuqale kuphume isinqumo secala eliqhubekayo enkantolo ephakame ngaphambi kokuthi baye kuleli abafakwe kulona yiPSL.

Ukuchithwa kwesicelo seRoyal Am kuchaza ukuthi izozikhokhela zonke izindleko zacala.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *