Sihle Ndlovu
IMaritzburg United iyilahle ekugcineni ngesikhathi ishaywa yiSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni weNedbank Cup eHarry Gwala Stgadium, eMgungundlovu ngoLwesithathu.
Bekubukeka sengathi umdlalo uzogcina uye esikhathini esengeziwe kodwa iSuperSport yakushintsha konke lokho ekugcineni.
Yize womabili amaqembu ewatholile amathuba okushaya amagoli emizuzwini engu-90 kodwa okugqamile ukuthi abebuthuntu kakhulu phambi kwamapali.
Kuze kwaba ngomzuzu ka-89 lapho u-Iqraam Rayners eshaye khona igoli laMatsatsantsa a Pitori, kwaphela kanjalo ngephupho leNedbank Cup kwiTeam of Choice.
Ukushaywa kweMaritzburg kuchaza ukuthi kumele ibuyele ekubekeni imiqondo emidlalweni yeDStv Premiership, njengoba ingaphephile nakancane ezembeni.
IMarittburg isahlulekile ukuwina emidlalweni engu-14 uma ibhekene namaqembu aseGauteng.
FUNDA NALA: Sichaza okuzokwenzeka ngecala leChiefs eliqubule ukudideka
Ukuwina kweSuperSport kuchaza ukuthi seyijoyine amaqembu afana neMamelodi Sundowns, Orlando Pirates, University of Pretoria, Swallows FC, Tshakhuma neVenda Football Academy, eshaye i-African All Stars ngo 3-1 ngoLwesithathu.
Imidlalo yeNedbank Cup iyaqhubeka ngoLwesihlanu. Uthongathi FC luzobhekana neSummerfield Dynamos ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-3 ntambama.
Komunye umdlalo ngoLwesihlanu kuzotholana phezulu iStellenbosch FC neBaroka FC, eDanie Craven Stadium, ngo-6 ntambama.