Kuyibhimbele iRoyal AM itholwa inecala isigungu sePSL

Kuyibhimbele iRoyal AM itholwa inecala isigungu sePSL

UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: TWITTER

Itholwe inecala iRoyal AM yisigungu esiqondisa izigwegwe sePremier Soccer League (PSL) ngokuduba ingayi emidlalweni yokuhlunga ngasekupheleni kukaJuni.

IRoyal AM yagila izimanga ngesikhathi igoloza ukudlala le midlalo okwakumele ibhekane kuyo neRichards Bay neChippa United ithi ngabe yephula umthetho uma iyidlala.

Yayigabe ngencwadi yasenkantolo eyayivimbela ukuqhubeka kwale midlalo. Kunalokho yagijimela enkantolo iyocela ukuba kuboshwe isikhulu esiphezulu sePSL, uMato Madlala ngokwedelela umyalleo wenkantolo.

Yayithi ukuqhubeka nale midlalo kube kunencwadi yasenkantolo ethi akungaqhutshekwa nayo ngeke ikwenze. Ngaleso sikhathi yayisafake isicelo enkantolo ukuthi kuguqulwe isinqumo sokubeka iSekhukhune United njengompetha.

Nokho emasontweni amabili edlule inkantoko ephakeme yaseGauteng iyichithile, yathi le ncwadi yayo yayisiphelelwe yisikhathi. Yingakho ke nePSL yabe seyiqhubeka nokuyibizela esigungwini esiqondisa izigwegwe.

Icala layo lalalelwa ngoJulayi 24 ngemuva kokuthi selihlehle kwaze kwaba kabili. Kwalalelwa izethulo zayo kwabe sekuthiwa isinqumo sizophuma ezinsukwini eziyishumi ukusuka lapho.

FUNDA NALA: UKhoza uncoma amagalelo kaBongi Hlophe owakhiqiza inqwaba yabadlali kwiMaritzburg City

Nebala ke ngoLwesithathu ebusuku kuvele ukuthi liyilahlile iRoyal AM, yatholwa inecala. Nokho akucaciswanga ukuthi izohlawuliswa kanjani.

Kodwa njengamanje kubukeka sengathi amaphuzu anikwa iChippa neRichards Bay ngokugingqa azoqhubeka, ngeke bewaphucwe.

Lokhu kucacisa ukuthi iRoyal AM kuzomele iphinde ithole incwadi yenkantolo evimbela ukuqala kwemidlalo yePSL ngempelasonto ka-Agasti 21.

Ngale kwalokho kuzomele ivele ibuyele kwiGladAfrica Championship iyodlala khona ngoba vele ukuqhathwa kwamaqembu kwePSL kuyikhomba khona.

EMAIL: Editor@impempe.com TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.