Kuzihambela kahle izinkunzi zaseSoweto iChiefs nePirates kweyabafana abancane

UBoitumelo Radiopane

SIHLE NDLOVU

I-Orlando Pirates inethuba lokufaka ingcindezi emaqenjini aseqoqweni layo ngokuwina umdlalo weDStv Diski Challenge Rewired, ezowudlala neSwallows FC eRand Stadium, ngoMgqibelo ngo-12 emini.

IBucs izithola isendaweni yesibili kwilogi ngemuva kokushaywa yiTshakhuma FC ngo 2-1 emdlalweni odlule.

IPirates ibiqala ukushaywa kule midlalo, kanti lokhu kunike iKaizer Chiefs ithuba lokuhlala esicongweni okokuqala kule sizini.

Amakhosi athe edlala neBaroka FC abe esazi ukuthi iwini izowabeka esicongweni. Awalenzanga iphutha njengoba eshaye iBaroka ngo 2-0.

IChiefs nePirates babambene ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kodwa umehluko wamagoli wenza iChiefs iqhwakele.

Ngeke ube lula umdlalo weBucs neZinyoni ngoba kuyaziwa ukuthi kushunqa uthuli uma kudlalwa umdlalo womkhaya.

Ngakolunye uhlangothi iChiefs kumele izibambe ziqine njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns eJohannesburg Stadium, ngeSonto ngo-12 emini.

Akungabazeki ukuthi amaBrazilians azofuna ukubuya ngamandla kulandela ukulahla amaphuzu lapho ebambane khona neBlack Leopards ngo 0-0 emdlalweni odlule.

Omunye umdlalo ozodla ngokushuba owomkhaya phakathi kweBaroka neBlack Leopards e-Old Peter Mokaba Stadium, ngeSonto ngo-10 ekuseni.

Ngemuva kwemidlalo yangempelasonto kuzobe sekusele imidlalo emibili kuphela.

Amaqembu amabili azoqeda ephezulu yiwona azozibekisela indawo kweyandulela owamanqamu ezodlalwa ngoMeyi 22. Owamanqamu uzodlalwa ngoMeyi 30.

NgoMgqibelo: Bloemfontein Celtic v Tshakhuma FC (Siwelele Park, 10am); Orlando Pirates v Swallows FC (Rand Stadium, 12pm)

NgeSonto: SuperSport United v Maritzburg United (Johannesburg Stadium, 9.30am); Baroka FC v Black Leopards (Old Peter Mokaba Stadium, 10am); Cape Town City v Chippa United (Malta Park Sports Complex, 10am); Golden Arrows v Stellenbosch FC (Sugar Ray Xulu Stadium, 10am); TS Galaxy v AmaZulu (Tsakane Stadium, 10am); Mamelodi Sundowns v Kaizer Chiefs (Johannesburg Stadium, 12pm)

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.