Kuzoba ngozi makhaza kuMako, abePirates baphoxwe yi-ambulensi

Kuzoba ngozi makhaza kuMako, abePirates baphoxwe yi-ambulensi
OkaDonga Gumbi

Kuthathe imizuzu embalwa ngaphambi kokuthi ingene enkundleni i-ambulensi kade kuqeda kulimala uPaseka Mako.

Lokhu kwenzeke ngenxa yokuthi umshayeli wayo ubedukile engaziwa ushonephi, nokugcine esefunwa nangabalandeli lapho engakhona.

UMako ushayisane kabuhlungu nonozinti wangakubo, uRichard Ofori, walimala ekhanda futhi waquleka isikhashana.

Ngemuva kokumhlola kwethimba lodokotela bePirates, babe sebebiza abosizo lokuqala ukuba bangene bazomthatha ukuze aphuthunyiswe esibhedlela.

Kulapho ke kusuke khona isidididi umshayeli we-ambulensi engasatholakali, waqhamuka kudala esethethiswa nangabalandeli bawo womabili amaqembu.

Lokhu kumphoxile umqeqeshi wePirates, uFadlu Davids, othe akufanele kwenzeke kanje kwiligi enkulu njengePremier Soccer League (PSL).

“Angifuni nokuyiphatha nje leyo ndaba,” kusho uDavids ngemuva komdlalo. “Bekungekho muntu kwi-ambulensi, umshayeli ubengaziwa ushonephi.

“Angazi, mhlawumbe naye ubesebuka umdlalo (esekhohliwe ukuthi uzosebenza). Kodwa kumele bahlale bekulungele ukusebenza uma bedingeka.

“Kumele ngilincome ithimba lethu lodokotela ngoba akuphelanga ngisho imizuzwana eyishumi babe sebesenkundleni bembheka uMako.

FUNDA NALA: UShalulile uthi usazoyishaya nje inethi kodwa akajahe marekhodi

“Indlela okuthathe isikhathi ngayo ukuthi abosizo lokuqala batholakale ayilungile, ayifanele ezingeni lePSL,” kuqhuba uDavids.  

UMako ube esephuthunyiswa esibhedlela kanti iPirates seyidalule ukuthi usesimeni esigculisayo futhi ukhakhayi aluthintekanga.

“Udokotela uveze ukuthi ekuhlolweni kwakhe, kutholakale ukuthi akukho kuthinteka okhakhayini noma kwengqondo.

“Kodwa ke lo mdlali ulimalile ebusweni nasekhaleni. Uzohlala esibhedlela egunjini labanakekelwa ngokucophelela, kuze kube ubonwa ngudokotela ofanele,” kusho iPirates esitatimendeni.

Indlela isimo ebesesimuncu ngayo, umdlali oqokwe njengobevelele kulo mdlalo uBonginkosi Makume nomqeqeshi wakhe uKgoloko Thobejane, bavele bahluleka nawukukhuluma ngemuva komdlalo.

Bobabili bafisele uMako ukuba asheshe alulame, babe sebebindeka ngemuva kwalokho izinyembezi zigcwele amehlo. Impempe nayo ifisela lo mdlali ukusheshe alulame.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.