Kuzobuya uZwane noSheppard kwiChiefs esifake uBaxter amasondo

Kuzobuya uZwane noShepard kwiChiefs esifake uBaxter amasondo
UStuart Baxter
OkaDonga Gumbi

IKaizer Chiefs ithi kuthathe imihlangano eminingi ngoLwesine ntambama ukuthi kuze kugcine kuvunyelwene ukuthi inqanyulwe inkontileka kaStuart Baxter.

Izindaba zokushiya kukaBaxter eNaturena zivele ekuseni ngoLwesine kodwa iqembu alangakuqinisekisa kwaze kwaba sebusuku.

“Ngemuva kwemihlangano eminingi iKaizer Chiefs nomqeqeshi uStuart Baxter sebenqume ukuthi kwehlukanwe ngesihle kusukela khona manje.

“Njengoba ebesebuya okwesibili uBaxter kwiKaizer Chiefs, udlale imidlalo engu-23 (uma ingabalwa emithathu yangoDisemba okwakubambe kuyo uZwane).

“Uwine eyisishiyagalolunye, wadlala ngokulingana eyisithupha wabe esehlulwa kweyisishiyagalombili. Iqembu lishaye amagoli angu-25, langenelwa angu-23 kulesi sikhathi.

“Amaphini omqeqeshi o-Arthur Zwane noDillon Sheppard yibo abazobamba amatomu eqenjini elikhulu kuze kuphele lesizini.

“Bazoqala emdlalweni olandelayo neStellenbosch ngoMgqibelo, Simfisela inhlanhla (uBaxter) ngekusasa lakhe. Iqembu likwenza ezinye izimemezelo ngalolu daba ngokuhamba kwesikhathi,” besifundeka kanje lesi sitatimende.

Leave a Reply

Your email address will not be published.