Kuzocaca kuleli viki ngabadlali abathathu abafunwa yiChiefs

Kuzocaca kuleli viki ngabadlali abathathu abafunwa yiChiefs
UKobamelo Kodsang ongomunye wabadlali okubhekwe basayine kwiKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi 

Kuzocaca kulo leli viki ukuthi iKaizer Chiefs iyabathola yini abadlali abathathu ebabheke ngabomvu njengoba umphathi wabo ezohlangana nayo.

UMike Makaaab weProSport International ephethe oFranck Mbella Etouga, Kobamelo Kodisang noKamohelo Mahlatsi uthe uzohlangana neChiefs phakathi kukaLwesithathu noLwesine.

Uzobe efuna ukuthola ukuthi ngabe iChiefs izimisele kangakanani ngabo. Nokho Impempe seyingakuveza ukuthi laba badlali bazobe begijima ePhefeni ngesizini ezayo.

Phela uma iqembu selihlangana nomphathi womdlali lisuke seliqede konke neqembu elimthenga kuye, sekuqedelwa izimfuno zomdlali nje kuphela.

UMakaab utshele iGagasi FM ukuthi kunabadali abathathu abafunwa yiChiefs azolibangisa eGoli eyokhuluma indaba yabo bese ebuya azisa abalaleli ngoLwesihlanu ukuthi kuhambe kanjani.

“Sengiziqalile izingxoxo neChiefs ngalowo mdllai, nomunye okwiSwallows bese kuthi omunye usePortugal,” kusho uMakaab.

“Ngakho ke, njengoba sikhuluma nje manje laba badlali abathathu yibo enginezingxoxo ngabo nabaphathi beKaizer Chiefs.

“Siyethemba ke ukuthi sizokwazi ukuvumelana okungenani noyedwa noma ababibili kubo ukusiza iChiefs uma kuwukuthi ikholwa wukuthi bazoyisiza njengoba yakha kabusha nje.”

FUNDA NALA: Kuphelile obekuhlanganise uMazinyo neMaritzburg

Akathandanga ke nokho ukubadalula amagama abo emoyeni futhi kungenzeka nangoLwesihlanu angakuqinisekisi okuvunyelwene ngakho ngoba iChiefs iyaye ithande ukuzethulela yona abadlali abasha.

“Engingakusho wukuthi oyedwa ukwiSwallows, omunye ukwiBraga bese omunye kube yilo ongomunye wabahambe phambili ngamagoli ezwenikazi,” kusho uMakaab.

Sekuvelile ukuthi kwiSwallows uMakaab uphethe uMahlatsi kanti kwiBraga kukhona uKodisang bese lo wamagoli ngu-Etouga.

U-Etouga ushaye amagoli angu-21 kwi-Asante Kotoko yaseGhana kule sizini, eyisiza ukuwina isicoco seligi yakhona okokuqala ngemuva kweminyaka eyisishiyagalombili.

 editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.