Kuzohlonishwa ingwazi ye-ANC ngomjaho eBergville

Kuzohlonishwa ingwazi ye-ANC ngomjaho eBergville
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Umjaho wokuhlonipha ingqalabutho ye-ANC, uJosiah Gumede, uzokuba ngoMgqibelo (Novemba 27) eBergville.

UGumede, owaba ngumengameli wesine we-ANC, uzobe ekhunjulwa futhi ehlonishwa ngeJosiah Gumede Marathon yaminyaka yonke ehlelwe yiDrakensberg Extravaganza.

Abahleli beJosiah Gumede Marathon bathembise ukuthi bazoyihlonipha futhi bayilandele ngendlela imigomo yeCovid-19 esadla lubi umhlaba wonke.

Kulo nyaka lo mjaho uhlukaniswe izigaba ezintathu. Kukhona i-42km, 21km ne-10km.

Umjaho ka-42km ungowokuzibekisela indawo kwiComrades Marathon nokwenza izikhathi ezinhle kulo mjaho ophakathi kweTheku noMgungundlovu.

Umgqugquzeli womjaho uSipho Ndaba uthe kunoshintsho oluncane mayelana nomgudu lapho kuzohamba khona umjaho.

“Konke kuzoqala enkundleni iBergville Sports Ground, bese kujikwa ngesokudla kubhekwe ku-R74, kuthathwe esokunxele kubhekwe ku-P288.

“Ngemuva kwalokho kuzojikwa kubuyelwe eSports Centre,” kusho uNdaba.

Abagijimi ngeke baduke nakancane ngoba kuzobe kunezimpawu emgwaqweni ezibakhombisa ukuthi kumele bashone ngakuphi.

UNdaba uthe lo mjaho ubunenxusa eliqavile ngo-2019, uBongmusa Mthembu, osewine iComrades Marathon kabili.

UMthembu uphinde wagjima naye kwiJosiah Gumede Marathon ngo-2019.

FUNDA NALA: OweStellies uthembisa iBucs induku

Yonke imijaho iqala ngo-5.30 ekuseni eBergville Sports Centre.

Ukungenela kusavuliwe kanti labo abanentshisekelo bangangena ku: www.eventtiming.co.za noma ku: www.webtickets.co.za.

Abagijimi be-45km bangabhalisa futhi kunoma yisiphi isiphi isitolo sakwaPick n Pay.

Kulabo abazobhalisa online kuzovalwa ngoLwesine (Novemba 25).

Lizoba khona elinye lokubhalisa eBergville Sports Centre ngoLwesihlanu kusukela ngo-3 kuya ku-6 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.