Kuzokwenza umehluko nakwiligi ukudlala kahle kweChiefs kwiChampions League

UNkosingiphile Ngcobo weKaizer Chiefs

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kungenzeka ukuthi ukuxineka kweKaizer Chiefs ngenxa yemidlalo yeCAF Champions League kube yikhona futhi okuvusa emaqandeni abadlali baleli qembu kwiDStv Premiership.

Lona ngumbono kaNkosingiphile Ngcobo ongomunye wabadlali abakhanya njengesibani kwisizini enobumuncu obuningi kuMakhosi, yize esanuka ubisi esigabeni esikhulu sebhola laseNinizimu Afrika.

UNgcobo (21) waseMgungundlovu unethemba lokuthi ukuthothana eduze kwemidlalo enzima kwiChampions League kuzoba nomthelela ekubavuseni kweyeligi lapho beshaya khona udaka.

Ubekhuluma ngaphambi kokuthi bafulathele leli babhekise amabombo eBurkina Faso lapho beyodlala khona neWydad Athletic yaseMorocco emdlalweni wabo wesibili esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.

Lo mdlalo ungeSonto, e-Ouagadougou kulandela ukuthi uhlehle izikhawu ezimbalwa. Imbangela yalokhu bekuwukungavunyelwa kweChiefs eMorocco ngoba kusatshwa ukuthi izofika neCovid-19.

NgoLwesibili iChiefs ibambane neHoroya yaseGuinea isekhaya njengoba sekufanele iye eBurkina Faso lapho idlala khona ngeSonto ngo 6 ntambama (ngokwesikhathi sakuleli), e-August 4 Stadium.

Kuzodlula izinsuku eziyisithupha iChiefs idlale eBurkina Faso yamukele iPetro de Luanda yase-Angola ngoMashi 6 ekhaya.

UNgcobo ufisa ukuthi lokhu kube isiqalo sezinto ezinhle kwiligi ngoba kulapho kungahambi khona kahle.

“Ukulandelana kwemidlalo ishesha kuyasivivinya njengabadlali. Lokhu kuhle ngoba kusenza sihlale siwavule wonke amehlo ngaso sonke isikhathi.

“Kusinika amandla okuthi sizibone ukuthi siyakwazi ukumelana nezimo ezinzima siphinde sishintshe lapho kufanele sishinsthe khona. Kumqoka ukuyibuka kanjalo imidlalo uma ubheka isimo sethu kweyeligi.

“Akuhambi kahle (kwiDStv Premiership) kodwa kukhona okungavuka kithi ngenxa yokusondelana kwemidlalo (yeChampions League) ishesha futhi imqoka ngendlela efanayo yonke,” kulandisa yena.

Uyavuma ukuthi lo mdlalo unzima kubona kodwa ukuthi udlalelwa eBurkina Faso kwenza kube nzima kuwona womabili amaqembu.

“Ubunzima esibhekene nabo buzobe bufana ncamashi nalobu obuzobe bubheke ngakubona. Amqoka kakhulu amaphuzu amathathu lapha ukuze singasali kwazise sekukhona abawinile okuhlanganisa lona impela leli qembu esidlala nalo.”

Uthi akasabi ukubhekana naleli qembu yize ezobe edlala okokuqala kwiChampions League.

“Ngiyalezwe ngokuthi ngingazixaki ngokucabanga okuningi kepha ngigxile kokuzobe kwenzeka enkundleni bese ngenza ngendlela engazi ngayo,” kusonga uNgcobo.

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *