Kuzomele ibe nobufakazi obuqinile iSafa, kusho uNcobo

Kuzomele ibe nobufakazi obuqinile iSafa, kusho uNcobo
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Akuzukuba lula njengoba abaningi becabanga ukuthi iSafa ithole impendulo ezoyijabulisa ngesicelo sayo sokuthi uqalwe phansi umdlalo weBafana Bafana neGhana.

Lo mdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba uphele sekumuncu eNingizimu Afrika kulandela ukubekelwa kweGhana iphenathi engacacile.

Yiyo le phenathi evalelwe phakathi ngu-Andre Ayew kwaba yilona goli egcine iwina ngalo iGhana, ikhipha iBafana kulo mqhudelwano.

U-Ace “VAR” Ncobo uthe yize ebekhona amphutha kanompempe futhi emaningi, kodwa lokho kukodwa ngeke kwenze ukuthi iFifa ithi umdlalo awuqalwe phansi.

“Kungithathe amahora amahlanu nemizuzu angu-17 ukucubungula kahle lo mdlalo.

“Lapho bengibuka isiwombe sokuqala kuphela. Esesibili sengosenza kusasa ngoba ividiyo yomdlalo ngiyithole namuhla (ngoMsombuluko) ekuseni.

“I-Article 18 yomqingo wokuqondiswa kwezigwegwe weFifa ikhuluma ngokuphekwa komphumela womdlalo.

“Abantu abaningi bacabanga ukuthi ungavele ubhalele iFifa nje bese uthi hhayi lo nompempe ubengawuphethe kahle umdlalo…

“Ngakho sifuna ukuwuqala phansi umdlalo. Lutho! Akwenzeki kanjalo,” kusho uNcobo kwiSuperSport TV ngoMsombuluko.

“Kumele uveze ubufakazi bokuthi umphumela womdlalo uphekiwe ngandlela thize. Yilokho okushiwo umthetho weFifa.

“Akuvele nje kungenelele iFifa ngoba nakhu nithi unompempe akawenzanga kahle umsebenzi wakhe.”

Uthe useyelulekile iSafa ukuthi ingajahi ukubhalela iFifa uma kuwukuthi ayinabo obunye ubufakazi bokuthi umdlalo uphekiwe.

“Sengiwuhambisile umbiko ngesiwombe sokuqala kwiSafa. Ngithe ngeke nikwazi ukubhalela iFifa nithi nicela umdlalo uqalwe kabusha ngenxa yokuthi unompempe akawenzanga kahle umsebenzi wakhe.

“Uma kube wukungawenzi kahle umsebenzi ngeke ukwazi ukufaka isikhalo.

“Manje wehlukanisa kanjani ukuthi kube wukungawenzi kahle umsebenzi noma kube ukwenzelela?

FUNDA NALA: Babhodla umlilo abeSafa ngephenathi yeGhana

“Ngesikhathi ngicwaninga umdlalo, ngithole ukuthi kunezehlakalo ezingu-45 ezenzekile esiwombeni sokuqala obekumele kuhlawuliswe kuzo amaqembu.

“Kodwa kulezo, zingu-26 kuphela unompempe azibonile. Ngeke ngisho ukuthi kungani kunjalo, lokho okweSafa ukuthi ikuphenye.

“Kulo 45 wezehlakalo, izinqumo ezifanele ezithathiwe zibe ngu-17 kanti lokho kukutshela ukuthi u-37% wezinqumo bezifanale.

“Kodwa awukwazi ukuba nonompempe osezingeni eliphezulu kangaka egeja ku-60% wezinqumo zakhe.

“Noma kunjalo ke kodwa ngeke uye kwiFifa uyothi awuqalwe phansi umdlalo. Kumele ucwaningisise kahle ukuthi ngabe bekunokwenzelela yini.

“Yilapho ke esibheke khona izinqumo ebezidla kwiBafana. Ezingu-25 kwezingu-28 bezivuna iGhana zidla kwiBafana.

“Into iSafa esingazimelela ngayo wukuthi bekubukeka kunokwenzelela njalo. Uma kunokwenzelela okuqhubekayo, lokho kusho ukuthi kube nokuphekwa komphumela.

“Ukuthi yini ebeyenza kube nokwenzelela, akusikhona okwami. Ngikholwa wukuthi iSafa inobunye ubufakazi ebuqoqile ngokuthi kungani kwenzeke kanje.”

ISafa ikuqinisekisile ukuthi izobhalela iFifa ikhalaze ngonompempe nezinqumo zakhe kulo mdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *