Kuzomincelwa ukululama kwabalimele kwiBanyana ezodlala neTunisia

UThembi Kgatlana weBanyana Banyana
Sihle Ndlovu

IBanyana Banyana izobhekana neTunisia emdlalweni we-quarterfinal yeWomen’s Africa Cup of Nations (WAFCON) ka-2022 ngoLwesine.

INingizimu Afrika idlulele esigabeni somkhumulajezi ingazange iyithole induku kulo mqhudelwano oqhubekayo eMorocco. EzikaDesiree Ellis zishaye iBotswana ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngeSonto ebusuku.

IBanyana ivule lo mqhudelwano ngokushaya izimbangi ezindala iNigeria ngo 2-1. Ibe isilandelisa ngokubhaxabula iBurundi ngo 3-1 emdlalweni eyayingashaya kuwona amagoli ayishumi.

U-Ellis kufanele ukuthi ubambe umoya nokho ngabadlali bakhe abathintekile ngesikhathi bebhekene neBotswana. UThembi Kgatlana ungomunye wabaphume sebelimele indawo yakhe yathathwa uNthabiseng Majiya,, ngesiwombe sesibili.  Lo mdlali (uMajiya) uyena oshaye igoli leBanyana.

Omunye umdlali ophume eselimele uJermain Seoposenwe indawo yakhe ethathwe uMelinda Kgadiete  ngomzuzu ka-33, kulandela ukuthinteka eqakaleni. UKgatlana noSeoposenwe  abadlali ababalulekile eqenjini lika-Ellis ngakho uzothandazela ukuthi babe khona emdlalweni weTunisia.

Komunye  umdlalo we-quarterfinal okubhekeke ukuthi kushunqe uthuli kuwona  iNigeria izotholana phezulu neCameroon ngoLwesine.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.