Kuzonikwa abafana abancane ithuba emdlaweni wokugcina weChiefs

abafana
UMduduzi Shalababa weKaizer Chiefs
OkaDonga Gumbi

U-Arthur Zwane useveze ukuthi angase anike abafana abancane abacijela isizini ezayo ithuba lokuveza abakuphethe uma sebedlala umdlalo wabo wokugcina kule sizini.

IChiefs izovala isizini yeDStv Premiership ngeSwallows FC eFNB Stadium ngo-3 ntambama kanti uZwane ulande abafana abancane eqenjini leDStv Diski Challenge wabafaka eqenjini elikhulu. 

Izoya kulo mdlalo ixhugela njengoba kunabadlali abangekho ngenxa yokulimala nokugula okwuyikho okuvulele abafana abancane ithuba. 

“Silande abafana abancane abambalwa okukhona kubo uKeletso Sifama noMduduzi Shabalala eqenjini lethu leDDC ukuthi beze ngapha,” kusho uZwane. 

“Kunenqwaba yabadlali abazobe bengekho kulo mdlalo. Ngakho sifisa ukunika abafana abancane ithuba ngoba sesivele sicabangela ikusasa.  

“Sifuna ukubanika ithuba lokuthi bakhombise amathalente abo, Bangabadlali bekhethelo futhi abangagcina beyinsika yeKaizer Chiefs.

“Yingakho sifuna ukubasiza basheshe bajwayele eqenjini elikhulu futhi sethemba ukuthi bazokujabulela ukudlala.

“Phela ibhola wumdlalo wenjabulo, uma ungakujabuleli ukudlala noma ukudlalela iqembu elifana neKaizer Chiefs kuba yinkinga lokho,” kuchaza yena.  

“Sifuna bakhululeke, kodwa uma sebephethe ibhola kumele bakhombise amakhono abo kodwa lokho bakwenze ngendlela ehambisana nohlaka lwamacebo ethu okudlala.

“Wumdlalo omkhulu lona kubo ngoba ngowokugcina kule sizini ngakho sifuna ukuqeda ngegiya eliphezulu ngoba sesilungiselela isizini ezayo.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.