Kuzoqhubeka uZwane noShepard ebhentshini leChiefs

Kuzoqhubeka uZwane noShepard ekuqeqesheni iChiefs kwiChampions League
U-Arthur Zwane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi osanda kuqashwa kwiKaizer Chiefs, uStuart Baxter usalinde imvume yakhe yokusebenza kuleli. Lokhu kuphoqa ukuthi kuqhubeke u-Arthur Zwane noDillon Shepard ebhentshini laleli qembu uma selibhekene neWydad Athletic emdlalweni weCAF Champions League.

Amakhosi azobhekana neWydad eStade Mohammed V eCasablanca, eMorocco ngoMgqibelo ebusuku. Lona kuzobe kusengumlenze wokuqala kanto owesibili uzoba ngoJuni 26.

Izindaba zokuthi uBaxter ngeke abe khona ebhentshini ziqinisekiswe yiyo iChiefs ngoMsombuluko ntambama. Nokho uzohamba nalo iqembu futhi cishe uzobe ehleli endaweni yabalandeli esiza ekhona.

UZwane noShepard yibo abahlala kulesi sikhundla njengamabamba ngemuva kokuxoshwa isigubhukane kukaGavin Hunt kuleli qembu. Benza umsebenzi oncomekayo beqala ngokulephula eziko lezembe, babe sebelifaka nakwiMTN8.

Eqala umkhankaso wawo kulo mqhudelwano wasezwenikazi akukho okwakubhekiwe kuMakhosi kwazise nasekhaya abezidonsela kanzima. Kodwa asemangaze abaningi njengoba eseze asala wodwa emaqenjini amane akuleli abedlala imiqhudelwano yeCAF.

IBloemfontein Celtic, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns basale endleleni. ICeltic nePirates bebedlala kwiCAF Confederation Cup, kanti iSundowns beyineChiefs kwiChampions League.

Owayedlala kwiChiefs kudala, uStanton Fredericks usenxenxe abadlali baleli qembu ukuthi bakhombise ubuqhawe kulo mdlalo. Uthi uma bengabuya bengahlulwanga eCasablanca, kungabe sebelifinyezile ibanga elibheke kowamanqamu.

“Udinga isibindi ukuqhubeka manje – kodwa leso sibindi asidingeki kubaqeqeshi. Abadlali okumele ngabe sebeke bahlala phansi baxoxa futhi bakuqondisisa ukuthi ukuphumelela ezwenikazi yinto engasoze yalibaleka.

“Ukubaluleka kwalo mqhudelwano akulula ukukuchaza, kanti kumele ukuqonde uma sewusondela ngasemaphethelweni awo,” kusho lo mdlali owayekhona ngesikhathi iChiwfs iwina iCup Winners Cup (esibizwa ngeConfederation Cup manje) ngo-2001.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *