Kuzosetshenziswa abaculi abadumile ukuheha abalandeli koweSundowns

Kuzosetshenziswa abaculi abadumile ukuheha abalandeli koweSundowns
OkaDonga Gumbi

IMamelodi Sundowns isibaqinisekisile abaculi abazonandisa emdlalweni wayo weCaf Champions League nePetro de Luanda yase-Angola ngoMgqibelo.

Phela kusukela iSundowns iphoqeleke ukuthuthela imidlalo yayo yeChampions League eFNB Stadium, isibalo sabalandeli abayihambelayo asigculisi.

Leli qembu lasePitori liphoqeleke ukuyidlalela eFNB Stadium imidlalo yalo yasekhaya kulo mqhudelwano kulandela ukungaphasiswa kweLoftus Versfeld yiCaf.

Ukuzama ukuheha abalandeli ukuthi baphume ngobuningi emdlalweni waleli qembu obalulekile sekufakwe nabaculi abadumile ukuba bazonandisa.

NgokweSundowns yize umdlalo uzoqala ngo-6 ebusuku, ubumnandi buzoqala ngo-3 ntambama kunandisa uVF Music.

Uzobe eselandelwa uHlogiMash ngo-3.30, kulandele uKing Modana ngo-3.45. Yena uzobe esededela uMakhadzi ngo-4.

Kuzobe sekulandela uKabza De Small & Young Stunner bamapiano ngo-4.30 kuze kuyoshaya isikhathi sokuqala komdlalo.

FUNDA NALA: Sinzima isinqumo esihlalele abaphathi kwiChiefs ngozovala isikhala sikaBaxter

Ngesikhathi sekhefu kuzobe sekungena uCassper Nyovest naye azofudumeza abalandeli kwazise ubusika sebungenile.

Lo mdlalo yiwo ozocacisa ukuthi indlela yaMasandawana kwiChampions League iyaphela la noma iyaqhubekela phambili.

EzikaManqoba Mngqithi noRulani Mokwena zilandela ngemuva kulandela ukushaywa ngo 2-1 emdlalweni ebithwele kanzima kuwo ngempelasonto edlule.

Ukuze idlulele phambili, kuzomele iwine ngo 1-0 noma ngaphezulu kodwa kumele iqinisekise ukuthi iPetro ayilitholi igoli.

Yona yazisiza ukuthi ilithole igoli lasekuhambeni okuyilo eliyinika amathemba okuthi isangawaguqula amatafula.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.