Kuzoshiyana izandla iChiefs neSundowns bebanga abeSuperSport

Kuzoshiyana izandla iChiefs neSundowns bebanga abeSuperSport
UTeboho Mokoena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kulindeleke kushube iKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns bebanga abadlali beSuperSport United, oSipho Mbule noTeboho Mokoena. Lokhu kulandela ukuqubuka kwemibiko ethi iSundowns nayo seyikuvezile ukuthi iyabahalela laba badlali abasebancane beSuperSport.

Sekunesikhashana iChiefs imataniswa noMbule okuthiwa imenenja, uBobby Motaung useke wazama ukuxhumana neqembu lakhe ngaye. Nokho cishe sekuyosiza ukuthi kubuzwe bona laba badlali ukuthi bafuna ukuya eNaturena noma eChloorkop.

Ngokuthola kweMpempe, iChiefs ihlela ukufaka isicelo ngokusemthethweni uma seyivumelekile ukusayina abadlali ngoJulayi. Kuzobe sekuphele isigwebo sayo eyahlawuliswa ngayo yiFIFA.

IChiefs yamiswa amawindi amabili ekusayineni abadlali kulandela ukungahambisi kahle ngodaba lokusayina uHasina Adrianarimanana waseMadagascar. Lesi sigwebo siyaphela ngoJuni 30.

Kulindeleke ukuthi leli qembu laseNaturena livule amaphakethe lisayine abadlali abaqavile abaningana. Bese kuvele kukudala lagcina ukuthola abadlali abanegama.

Baningi ke abadlali abamataniswa naleli qembu. Nokho manje kuzomele izibambe ziqine uma ifuna ukugcina ihlome ngoMbule noMokoena. Bobabili bayibamba esiswini kanti bahle ngekhono lokukhahlelela ipali bekude.

Funda nala: IChiefs iyasibusisa kulesi sikhathi samacala

Abazazi kangcono ezeSuperSport United bathi leli qembu lizimisele ukubadedela laba badlali ngenxa yokuthi liyashoda ezimalini. Kuke kwaba khona ngisho amahlebezi okuthi leli qembu lizofakwa endalini.

Kuthiwa abaphathi sebeyalele abaqeqeshi ukuthi badedele abadlali abahola kakhulu kuleli qembu ukuzama ukwehlisa izindleko. Manje iChiefs izoza nemali enhle ukuzohuha leli qembu ukuba liyidedelele lezi zihlabani.

ISundowns yona iza nemali bese ithembisa ukuyiboleka abanye abadlali bayo ababili ngaphezulu.

Kuhlawumbiselwa kuPromise Mkhuma, Mothobi Mvala noTiyani Mabunda. NoLucky Mohomi obevele ekuleli qembu angase abuyiselwe khona futhi.

Nokho kuvele ukuthi iSuperSport ayizujaha ukudayisela lezi zinkunzi zakuleli laba badlali. Izolinda baze bayodlala kuma-Olympics la okwethenjwe ukuthi bazogqama bese beheha amehlo amaqembu aphesheya.

Lokhu kuzosiza ukuthi badayiseke ngemali engcono nezosiza iqembu ukuvala izisele zalo. ISuperSport yethusa abaningi idedela kalula owayengukaputeni wayo, uDean Furman ngasekupheleni kwesizini edlule.

Kodwa manje sekuyacaca ukuthi kungenzeka ukuthi imbangela abaphathi beSuperSport babezama ukunciphisa izindleko. UFurman wabuyela e-England la ayevele ekhulele khona.

Isayinise noBradley Grobler inkontileka yesikhathi eside muva nje kanti kuthiwa lokhu ikwenze ngoba ifuna ukuthi iqembu elimfunayo likhiphe imali ebhekile.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

One thought on “Kuzoshiyana izandla iChiefs neSundowns bebanga abeSuperSport”

Leave a Reply

Your email address will not be published.