Kuzoshuba empini yokubalekela indoda yezembe eMgungundlovu

UThabiso Kutumela weMaritzburg United ofuna amaphuzu agcwele kwiTTM

OKADONGA GUMBI

Kufanele ukuthi isiqalile ukulolwa imbazo esetshenziswa ukugenca iqembu elisuke liqede endaweni yokugcina kwiDStv Premiership njengoba sekungenwa emzuliswaneni wokugcina wemidlalo yale ligi.

Sekuzoqansa kakhulu emaqenjini adonsa nzima ngasekugcineni kwelogi njengoba iqembu neqembu sekukhona elikulwelayo. Amanye alwela ukuyoba ngawokuqala ukuqukula indebe yePremiership ngaphansi lwabaxhasi abasha.

Abanye bafuna ukungena futhi baqede isizini bengaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu ukuze badlale kwiMTN8 ngesizini ezayo.

Bese kuba khona lezi zinkunzimalanga ebezisahuqa ubuthongo nesezibona manje ukuthi indoda yezembe isina qede imoyizele ibheke ngakubo.

Phakathi kwalabo kukhona iMaritzburg United yaseMgungundlovu. Leli qembu eliphekwa ngu-Ernst Middendorp lisendaweni ka-14 kodwa liyalingana ngamaphuzu nangemuva kwalo.

NgoLwesihlanu iBlue Hearts izozama ukuqoqa amaphuzu amathathu njengoba izogadulisana nabanye abazifanela nayo, iTshakhuma Tsha Madzivhandila eHarry Gwala Stadium ngo 5 ntambama.

ITTM isendaweni ka-15 kanti bobathathu neMaritzburg phambi kwabo, neBlack Leopards ngemuva, banamaphuzu ayisishiyagalolunye nje vo.

Umgadli weTeam of Choice, uThabiso Kutumela uthemba ukuthi izinto zizojika maduze njengoba bathola umfutho ekuwineni kwabo kwiNedbank Cup ngempelasonto edlule.

“Izosisiza kakhulu leya wini. Besihlulwe emidlaweni emithathu kulandelana kwiligi ngaphambi kwayo. Ukuwina kulowa mdlalo wendebe kusivuselele, kwasifaka umfutho,” kubeka uKutumela.

“Sisebenza kanzima kusukela siwinile – asizange sikhululeke sithi, ‘asiphumuleni kancane sizobona ngoLwesihlanu’, siqhubekile nokuzikhandla kusukela ngoMsombuluko silungiselela iTTM,” kuchaza uKutumela.

Uyazi ukuthi njengoba besesimweni esifanayo neVadhau vhaDamani, lokhu kusho ukuthi nabo bazimisele ngendlela efanayo.

“Nabo bekungabahambeli kahle njengathi. Kodwa bawinile emdlalweni wendebe behlula iSuperSport United, ngakho bazofika la benomfutho.

“Sihlukaniswe yisibalo samagoli nabo kwilogi, futhi kubalulekile ukuwashaya amaqembu aseduze kwethu ukuze sikwazi ukuqhela eduze kwawo,” kuchaza uKutumela.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.