Kuzosisiza ukuzivivinya ngeNetherlands, kusho uMbane

UBambanani Mbane
Sihle Ndlovu

Isitobha seBanyana Banyana, uBambanani Mbane, sithi ukudlala neNertherlands emdlalweni wobungani kuzobasiza kakhulu ukuthi bazibone bami kuphi njengeqembu.

INingizimu Afrika izodudulana neNetherlands kowobungani eKyocera Stadium, ngoLwesibili ngo-6.45. IBanyana iya kulo mdlalo nje ayinikwe lutho njengoba izobe idlala nezwe elikleliswe kunombolo 5 emhlabeni.

Nokho uMbane ukholwa wukuthi kukhulu abazokuzuza ngokudlala lo mdlalo.

“Kubalulekile kakhulu ukuthi siqine ngokomqondo njengoba sizodlala lo mdlalo. Siyazi ukuthi iNetherlands ingelinye lamazwe amakhulu nahlonishwayo emhlabeni,” kusho uMbane.

“Ngeke kube lula nakancane ukudlala neNetherlands, sonke siyakwazi lokho. Kodwa ngijabule ngendlela iqembu elenza ngayo.

“Kuheleza umoya wokuzwana ekhempini futhi sicabanga ngendlela efanayo. Kumele sisizane sibambane sonke.”

Abaningi bazobona ukuthi kuzophinda ukuhlazeka okwenzeke iBafana Bafana ishaywa yiFrance ngo 5-0 emasontweni edlule. Nokho uMbane uthe kubalulekile ukuzikala.

“Ukuthola umdlalo okanjena kubaluleke kakhulu ukuze sibone sesihambe ibanga elingakanani njengeqembu,” kusho uMbane.

“Akumele sizitshele ukuthi siphezulu kanti kuningi okusamele sikulungise. Ngokwami uzosisiza kakhulu lo mdlalo futhi sizofunda lukhulu kuwona.

“Imidlalo enjena siyayidinga ngaphambi kokuthi siye kwi-Afcon. Kumele sibone ukuthi kumele silungise kuphi nokuthi yikuphi lapho kumele sibhukule khona.”

IBanyana izoyibamba kwiWomen’s Africa Cup of Nations ka-2022, eMorocco, kusukela ngoJulayi 2 kuya kuJulayi 23.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.