Kuzovela isandla sikaBroos eqoka isikwati seBafana okokuqala

UHugo Broos
UDABA: SIHLE NDLOVU
ISITHOMBE: TWITTER

Uzoqoka iqembu lakhe lokuqala umqeqeshi omusha weBafana Bafana, uHugo Broos ngoMgqibelo emini. Lokhu kuvezwe yiSAFA ngawo uMgqibelo ekuseni, yathi leli qembu ngelizobhekana ne-Uganda emdlalweni wokuzwana amandla ngenyanga ezayo.

UBroos usanda kuqokwa kulesi sikhundla. Kubhekwe ngabomvu ukubona isandla sakhe kwazise uthembise ukulibumba kabusha iqembu. Ngesikhathi eqashwa wathi yena akazi mdlali ngakho azobaqoka uzobe ebone indlela abadlale ngayo.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium usenamasonto amabili ekuleli kanti usebe wayibuka imidlalo yeligi yakuleli. Nokho lo mqeqeshi bekubonakala ezothembela olwazini lukaMolefi Ntseki abemfuna njengephini lakhe.

Kodwa kugcine kungenzakalanga njengoba egcine eqashe uHelman Mkhalele oqinisekiswe ngoLwesihlanu ntambama. Ciche nguye uMkhalele oyobe ehleli ebhentshini yedwa kulo mdlalo we-Uganda ngoba uBroos uzobe engekho.

UBroos uzoke athi qu kwelakubo la ayojova khona umgomo wokuvikela ukhuvethele lweCovid-19. Akucaci ukuthi uyobe esebuyile yini kwazise kuzomele afike aqoqe kwakhe ngoba uzobuya esezohlala isikhathi eside kuleli. Kubadlali abenze kahle kule midlalo embalwa edlule kukhona oNdabayithethwa Ndlondlo noThabo Mnayamane beTshakhuma Tsha Madzivhandila, uSiphelele Mkhulise weMamelodi Sundowns, Reeve Frosler weKaizer Chiefs, Siphesihle Ndlovu we-Orlando Pirates noSiyethemba Mnguni waMaZulu. Kodwa ngabe ubabonile lo mqeqeshi?
Email: Editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *