Kuzovivinywa ngomdlalo weBafana ukubuyela kwabalandeli ezinkundleni

ISafa isazolulwa olokubanjwa kweBafana ngophondo eGhana
Abalandeli bebhola
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukuziphatha kwabalandeli nokukwazi ukulandela imigudu efanele yokunqandwa kokubhebhetheka eCoronavirus kuzovivinywa ngomdlalo weBafana Bafana ne-Ethiopia.

La mazwe azotholana phezulu emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseQatar ngo-2022.

Umdlalo womlenze wesibili uzoba seFNB Stadium ngoLwesibili luka-Okthoba 12. Owokuqala use-Ethiopia ngoMgqibelo.

Ngokwesovumelwano sikamengameli weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordan nomnyango wezempilo abalandeli bazovunyelwa ukuyobuka lo mdlalo.

Nokho umbandela oqondile owokuthi labo abazoya enkundleni kumele kube ngasebegomile kuphela.

“Okunye esikufunayo ukuthi nezinye izingxenye zomnotho zibuyele esimeni esijwayekile, uma iningi labantu seligomile,” kusho ungqongqoshe wezempilo uJoe Phaahla.

Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe nasemidlalweni yePremier Soccer League (PSL) kuzoqhutshwa ngendlela efanayo yini?

FUNDA NALA: Uyiphike walala ngomhlane uMnisi eyokunikwa kwabadlali beRoyal AM imali

Mhlawumbe impendulo ekahle ngethi abalandeli yibona okumele babambisane nomnyango wezempilo ngokulandela imigomo yeCovid-19 ngendlela okuyiyona.

Sekuyisikhathi eside abalandeli bengalubhadi ezinkundleni ngenxa yeCovid-19. Kwabaningi sekuyezwela kakhulu futhi lokhu kuhlala obala uma bekhuluma ezinkundleni zokuxhumana.

Umengameli waMaZulu FC uSandile Zungu usanda kuphumela obala ngokuthi sekuyisikhathi sokuthi abalandeli abagomile bavunyelwe ukuya ezinkundleni.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.