Kuzovuka amaminithi koweChiefs e-Ellis Park

Sihle Ndlovu

Kuzobuya imicabango yakudala kuRamahlwe Mphahlele weKaizer Chiefs uma esengena e-Ellis Park Stadium, eseyaziwa nge-Emirates Stadium.

Lesi sitobha seChiefs siveze lokhu ngesikhathi sikhuluma ngomdlalo weDStv Premiership abazowudlala neSekhukhune United kuyona le nkundla ngoMgqibelo.

UMphahlele uthe kule nkundla yilapho adlala khona umdlalo wakhe wokuqala webhola elikhokhelayo, eseyibhobhodlana edlalela iMoroka Swallows ngesizini ka-2006/2007. Okwenza kubaluleke lokhu kuyena ukuthi waba nesandla ekushayweni kwegoli njengoba bagcina beshaye i-Orlando Pirates ngo 1-0.

“Nginemicabango emihle nge-Ellis Park. Yilapho ngadlala khona umdlalo wami wokuqala sibhekene ne-Orlando Pirates ngisafunda isikole,” kusho uMphahlele.

“NgangikwiSwallows ngaleso sikhathi futhi kwakusebusuku. Sawina lowo mdlalo ngo 1-0, ngisabukhumbula lobo busuku. UCecil Oerson uyena owashaya igoli esawina ngalo.”

Kule nkundla kukhona nokubi okubuyayo uma kucatshangwa umdlalo owawuphakathi kweChiefs nePirates, lapho kwashona khona abantu abangu-43 ngo-2001.

“Yindawo eyigugu kimina…futhi ngenxa yesehlo esenzeka iyindawo ekhethikile naseqenjini lonke. Besiziqeqesha kahle kakhulu. Sibuke amavidiyo ambalwa eSekhukhune futhi umqeqeshi usitshele ukuthi yikuphi lapho bemandla khona nalapho bebuthaka khona.

“Bayiqembu elinzima kakhulu ukudlala nalo. Bebelokhu benza kahle futhi kumele sibhukule ukuze sithole umphumela omuhle.”

IChiefs ibambane neSundowns ngo 1-1 emdlalweni odlule eFNB Stadium.

“Iqiniso ukuthi izinto azisihambeli kahle, esikufunayo nje ukuthi siqede le sizini ngegiya eliphezulu. Siyazi ukuthi besilokhu sishisa sibuye sibande njengeqembu,” kubeka uMphahlele.

“Nokho emidlalweni emibili edlule sizamile ukubhukula futhi kubukeke kuthembisa. Sifuna ukuwina yonke imidlalo esisalele bese sibona ukuthi kwenzekani ngemuva kwalokho. Kube yisizini ende kakhulu.”

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.