Kuzovundululwa amakhono abagijimi abasebancane eMtshezi

KUzovundululwa amakhono abagijimi abasebancane eMtshezi
Alfred Ngubane 

Izikole eziyisishiyagalombili eMtshezi zinyelwe yinyoni esandleni njengoba iphini likamengameli weKwaZulu-Natal Athletics, uMandla Mngomezulu lithi bazozisiza kwezokusubatha.

Ekhuluma neMpempe ngoLwesithathu, uMngqomezulu obuye abe ngumphathi kwiXcel Running Club, uthe sebezihlonzile izikole abazosebenzisana nazo ekuvunduleni amakhono amasha.

“Silibonile ukuthi likhona ikhono kule ndawo yaseMtshezi futhi licebile kakhulu,” kusho uMngomezulu.

“Alukho uhlobo lo msubathi ongekho laphaya. Ngingabala abasubathi bamabanga amade namabanga amafu.

“Ngabuya ngivaleke umlomo yikhono engalibonayo khona. Yingakho iXcel Running Club ithathe isinqumo sokusebenzisana nabo.

FUNDA NALA: UBvuma uvuma eyezinkumbulo ezimbi nezinhle ngeNedbank Cup

“Banohlobo lwabagijimi esingakwazi ukunqoba ngalo abasubathi baseKenya naseEthopia abahlala futhi baziqeqeshele ezindaweni zasemakhaya.

“Basinika inkinga kakhulu laba basubathi abaqhamuka eKenya ngoba bakhonya umhlaba wonke.

“Indawo yaseMtshezi iphethe lona leli golide esilifunayo,” kuchaza uMngqomezulu obekucaca ukuthi lukhulu alubonile.

Kuzokhumbuleka ukuthi u-Alex Sikhosana obengumengameli wezokusubathakuleli wayeke washo ukuthi abasubathi abazoqoba abaseKenya nase-Ethopia ngabasubathi abaphuma ezindaweni zasemakhaya ezinezintaba namagquma.

UMgomezulu uthe ngeke azidalule okwamanje lezi zikole ngenxa yokuthi kusekhona okumele kuqedelwe kuqala.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.