Kuzovunyelwa abagomile kuphela ezinkundleni zikanobhutshuzwayo

U-Irvin Khoza
Sihle Ndlovu

Abalandeli bebhola abagomele iCovid-19, yibona abazovunyelwa ukuthi bangene ezinkundleni zikanobhutshuzwayo.

Lokhu kuqinisekiswe usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, ngoLwesibili ntambama. UKhoza uthe ngebhadi abalandeli ngeke baqale kule mpelasonto ukuya ezinkundleni.

“Abalandeli bazoqala ukuya ezinkundleni ngemidlalalo yeNedbank Cup ngo-Ephreli 8 no-9. Izinkundla zizovunyelwa ukuthi kungene u-50% wabalandeli,” kusho uKhoza.

“Bonke abalandeli  kuzomele bafike nezincwadi eziwubufakazi ukuthi bagomile, baphinde baphathe amapasi abo (Identity Documents). Sonke kumele siyilandele le mibandela kumbandakanya nabezindaba.”

Sekuphele iminyaka emibili yonke abalandeli bengalubhadi ezinkundleni selokhu kwaqubuka iCoronavirus. Bese kuzwela kakhulu kuwo wonke umuntu ngoba kwamanye amazwe kade babuyela ezinkundleni.

UKhoza ukugcizelele ukuthi abalandeli kuzomele basheshe bafike ezinkundleni ngoba kuzodingeka kubhekwe kuqala ukuthi baziphethe yini izinto eziwubufakazi ukuthi bagomile, kanjalo namapasi.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.