Kuzuze iSundowns izihlalele ekhaya iSuperSport ibambana nePirates

UVincent Pule we-Orlando Pirates noThamsanqa Gabuza bebanga ibhola emdlalweni wangoLwesithathu

OKADONGA GUMBI

Imvula iphazamise umdlalo obubukeka uzoshisa eLucas Moripe Stadium njengoba bobabili iSuperSport United ne-Orlando Pirates begcine sebedlala amabhola amade okuyinto abangayijwayele.

Nokho lokhu akuzange kulehlise kakhulu izinga lwalo mdlalo weDStv Premiership ophele zibambene ngo 1-1 lezi zinkunzi ngoLwesithathu.

Lo mphumela awumubi kuwo womabili lamaqembu kwazise awalahlekelwanga kakhulu, kodwa azozisola ngamathuba awayekile abezowasiza aqoqe amaphuzu agcwele.

Iqembu elizowuthokozela kakhulu lo mphumela ngebelingekho enkundleni, iMamelodi Sundowns ngoba uvuna yona – uqinisekise ukuthi akekho kulamaqembu osondela kakhulu kuyo.

IPirates iwuqale ngendlela okufanele ukuthi beyiyifisa lo mdlalo uVincent Pule eqedela umnyakazo omuhle ngokunamathisela ibhola enethini ngomzuzu ka-11.

Kudingeke yenze ushintsho iBucs ngomzuzu ka-22 kulandela ukulimala kukaThembinkosi Lorch oklunyuke umsipha wethanga. Kungene u-Azola Tshobeni endaweni yakhe.

Yize bekubukeka izoqhubeka ithole amanye amagoli iBucs kwazise beyiwulawula lo mdlalo, akuzange kwenzeke.

Esiwombeni sokuqala bekungathi akusiyona iSuperSport le evamise ukuyibhincisela nxanye iPirates futhi ize yaqala ukuhlanganisa iminyakazo yokuhlasela maphakathi nesiwombe sesibili.

Empeleni, ibhola lokuqala laMatsatsantsa elinike uRichard Ofori umsebenzi libe ngomzuzu ka-61, kuyi-free kick eshaywe nguTebogo Mokoena.

Ukucindazela kwayo kugcine kubuyise inzuzo ngomzuzu ka-67, uBen Motswari eyibhakuzisa ngakubo inethi kade ezama ukuxosha ibhola ekhaya.

Ithole elinye ithuba elihle kokushaya igoli lesibili ngomzuzu ka-73 iSuperSport, kodwa uMokoena washaya into ephuma phezu kwamapali kade kuyi-free kick.

UDeon Hotto naye uziyekele eyakhe imbuzi ngomzuzu ka-80 ethola ibhola ephambi kwamapali eSuperSport, kodwa waliqumba phezulu.

UHotto ubesethi ulishayile elokuwinisa iBucs ngomzuzu ka-90, ephambanisa uRonwen Williams nebhola kodwa uLuke Fleurs walikhipha seliyokweqa ulayini.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *