Kwakhiwa inkulisa yabasubathi eHarry Gwala

Kwakhiwa inkulisa yabasubathi eHarry Gwala
Alf Ngubane

Umkhandlu iHarry Gwala District uzokhanda inkulisa yezokusubatha njengoba kukhona inkolelo yokuthi kunegolide labagijimi elingavunjululwa kule ndawo yawo.

Lo mkhandlu ungowokuqala KwaZulu-Natal ukwakha lolu hlobo lwesikhungo ngokusho kwemeya yakhona uZamo Nxumalo.

Kubasubathi aphuma ngaphansi kwalo mkhandlu asebezakhele igama singabala uNdumiso Sokhela noJanet Siphesihle Mbele.

USokhela useke wanqoba Harry Gwala Marathon kanti uMBele yena useke wanqoba iHarry Gwala Marathon 21km, Zululand Marathon 21km, Nelson Mandela Marathon 21km, Best of the Best Marathon 42km.

UNxumalo ubuye waveza nezinhleo abanazo ngeHarry Gwala Marathon, Uthe kulokhu ngeke ubekhona umklomelo wemoto.

Namanxusa ngeke abe khona kulokhu kanti abasubathi abazodla umhlanganiso ku-42km bazothola uR30 000.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.