Kwakungasifanele ukuwina ngembudlu kwiChiefs, kusho oweDowns

UManqoba Mngqithi ocija iSundowns
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, uvuma ukuthi kwaba yinhlanhla ukuthi bashaye iKaizer Chiefs ngamagoli amane emdlalweni weDStv Premiership emasontweni edlule.

Lo mdlalo washiya abalandeli beChiefs bephoxekile begxeka amaphutha enziwa umdlali wasemuva uSiyabonga Ngezana. Abanye baze bathi u-Arthur Zwane ongumqeqeshi weChiefs kumele abuyise u-Itumeleng Khune no-Erick Mathoho emuva ukuze bangaphinde bahlazeke. UKhune ugcine ebuyisiwe futhi iChiefs ayikashaywa kule midlalo emibili evimbile.

“Bekumele siwuwine lo mdlalo, besihlelile ukuwina lo mdlalo. Asijabulile ngendlela ebesibuza ngayo epalini,” kusho uMngqithi.

Ubekhuluma ngemuva kokuthi ezakhe zishaye iChippa United ngo 1-0 ekugcineni emdlalweni weligi obuseNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

“Iqiniso kumele likhulunywe, yize unozinti wabo enze kahle kodwa sesishaywe emidlalweni obengamele ukuthi sidliwe kuyona…uma ubuka izinombolo emdlalweni wethu neKaizer Chiefs kwakungasifanele ukuwina umdlalo ngalawa magoli.

“Imidlalo esishaywe kuyona naleyo esidlale kuyona ngokulingana yileyo obekumele siyiwine. Ngakho ukuwina lo mdlalo bekukuhle kakhulu eqenjini lethu futhi siyajabula ngoba le nto yokuwina uphinde udlale ngokulingana, uphinde uwine bese ushaywe ayisisebenzeli.”

Emdlalweni weSundowns neChippa igoli lokuwina lishaywe uPeter Shalulila ngomzuzu ka-90. Ukuwina kwenze iDowns yanyukela esicongweni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *