Kwale inhlanhla Usuthu lubambana neSundowns

USiphelele Mkhulise noSiyethemba Sithebe

SIHLE NDLOVU

IMamelodi Sundowns isalibambile irekhodi lokungashaywa kule sizini ka-2020/2021 emidlalweni yeDStv Premiership, kulandela ukubambana ngo 0-0 naMaZulu, eJonnson Kings Park Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu.

AmaBrazilians abedlala umdlalo ka-21 ngoLwesithathu kanti asaqhwakele ngamaphuzu angu-47 kwi-log. Ashiya AmaZulu ngamaphuzu ayisithupha njengoba Usuthu lunamaphuzu angu-41 ngemuva kwemidlalo engu-23.

Lo mdlalo ubulindelwe abantu abaningi ngoba iSundowns ibizovula igebe lamaphuzu ayisishiyagalolunye uma iwina, kanti AmaZulu abezovala igebe libe ngamaphuzu amathathu uma kuwina wona.

Abe khona amathuba okushaya amagoli zisuka nokubonakale sengathi amaqembu abezama ukufundana futhi engafuni ukwenza amaphutha.

Ithuba elingcono leSundowns litholwe uPeter Shalulile ngomzuzu ka-26 kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali kancane. Ngomzuzu ka-30 umqeqeshi woSuthu uBenni McCarthy, uthole ikhadi eliphuzi ngokuphikisana nonompempe ngenxa yokungazithandi izinqumo ezithile.

Umdlalo uqhubeke zithengana ikakhulukazi esiswini, kuwuthambo qina. Ithuba loSuthu liqhamuke noThabo Qalinge ngomzuzu ka-41 kodwa wakhetha ukukha amabhilidi. Umdlalo uye ekhafini kungu 0-0.

Ngesiwombe sesibili linyuke kakhulu izinga lomdlalo amaqembu efuna igoli lokuhamba phambili. Ngomzuzu ka-52 u-Augustine Mulenga ubethi uyayiqeda iSundowns kodwa ibhola lakhe lashaya ipali sekuvalwe amehlo, esesele uDenis Onyango.

Ngoka-53, bese kuyiSundowons ebiphungwa emapalini oSuthu kodwa uGaston Sirino wakhetha ukuphasa ibhola esikhundleni sokukhahlela.

Ngomzuzu ka-59 uMakhehleni Makhaula ukeqe uSirino ngaphandle kancane kwebhokisi iSundowns yathola ifree kick. ULyle Lakay uyishaye odongeni yagcina ingafikanga kunozinti woSuthu.

UMcCarthy ufake uLehlohonolo Majoro endaweni kaSiphelele Mthembu, kwathi iSundowns yafaka u-Aubrey Modiba endaweni kaSirino, obebuye ahluthukelwe yinhliziyo.
Ngomzuzu ka-77 uVeli Mothwa uvimbe ibhola elibi esebhekene ngqo noModiba, lawela kuShalulile naye wahluleka ukulibeka enethini. ULebohang Maboe, odlale kahle kulo mdlalo, unikwe ikhadi eliphuzi ngomzuzu ka-79, ngemuva kokudlalisa kabi uSiyethemba Sithebe.

Bese kukuningi ukuhluthuka kwezinhliziyo ngasekupheleni komdlalo nokucacise kona ukuthi ububaluleke kuwona womabili amaqembu. ULuvuyo Memela ucishe washaya igoli ekugcineni kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali. Nokho ugcine uphele lingekho iqembu eligobe uphondo.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.