Kwale kancane athuke inhlamba uKerr ecikwa wukubhacaza kweSwallows

Kwale kancane athuke inhlamba uKerr ecikwa wukubhacaza kweSwallows
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weSwallows FC uDylan Kerr ucishe wathuka inhlamba ngesikhathi ekhuluma ngeqembu lakhe kulandela ukukhishwa kwalo kwiNedbank Cup ngoLwesihlanu kusihlwa.

IDube Birds iguqiswe yiRoyal AM eyishaye ngo 1-0 emdlalweni obuseDobsonville Stadium. Bese kungokwesibili kulandelana ishaywa ezikaMaMkhize.

Nasemdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto edlule ihlulwe ngomphumela ofanayo eChatsworth Stadium eThekwini. 

“Nginyanyile. Ngicasulwa wukusebenza nalaba badlali nsuku zonke sizicija. Sibahubhe badela eThekwini, nanamuhla besizenzela kubo kodwa lutho ukushaya igoli,” kusho uKerr.  

“Lento seyithanda ukusijwayela. Ngabe yindlela engiqeqesha ngayo? Ngabe yindlela engicabanga ukuthi kumele sihlasele ngayo, sigobe ngayo amabhola noma sikhahlelele ngayo ipali?

“Sizibulala thina. Sisele nemidlalo eyisishiyagalombili yeligi manje, kodwa ngeke kulunge uma siqhubeka kanje. Siyawathola amathuba kodwa sidlale ngawo.

“Thina asiwashayi amagoli kodwa namuhla bona bathole ithuba elilodwa bashaya inethi. Unozinti wethu akazange aze enze lutho namuhla,” kusho lo mqeqeshi. 

FUNDA NALA: IPirates seyizogxila kwiConfed Cup efuna ukuyiwina

UKerr uthi uyakuqonda ukuthi le miphumela isiyazwela kubaphathi nabalandeli beqembu kwazise ayimihle neze. 

“Ukube besingaziciji kulezi zinto ejimini ngabe ngithi akusolwe mina… Usihlalo uzophatheka kabi, nabalandeli bazophatheka kabi ngale miphumela.

“Kuzosolwa mina. Kodwa mina angingeni enkundleni ngidlale. Engikwenzayo wukuqoka iqembu engicabanga ukuthi lizokwazi ukwenza umsebenzi.”

Nokho ukukhishwa kweSwallows kwiKe Yona akuyona into engaze yenze kuthukwe inhlamba ngoba vele kumele igxile emidlalweni yeligi la ilengela khona ezembeni.

ISwallows isendaweni yesithathu ukusuka emsileni kodwa ishiya iTS Galaxy neBaroka FC abangemuva kwayo ngephuzu elilodwa nje kuphela.

“Ngikhathazekile. Uma ngingakhathazeki kungabe angiwuhloniphi umsebenzi wami. Namanje ngingaya ekhaya ngifike ngizibuke esibukweni ngizibuze ukuthi, ‘ngabe wenze ngendlela kodwa?’

“Impendulo yami ingathi, ‘yebo’. Sinezinsuku ezingu-21 ngaphambi komdlalo wethu olandelayo futhi ngingakuqinisekisa ukuthi abadlali bazitshela ukuthi bazothola izinsuku zokuphumula.

“Kodwa ngeke kwenzeke lokho. Sazela ukuzosebenza la futhi mkhulu umsebenzi osihlalele. Sisalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili manje.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.