Kwale uNyame AmaZulu ethi ayaqeda ngeRoyal AM

Kwale uNyame AmaZulu ethi ayaqeda ngeRoyal AM
UBoy De Jongh
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Mhalwumbe sebengakhala ngemvula ebilokhu iyidixile emdlalweni womkhaya baKwaZulu-Natal eMoses Mabhida Stadium ophele zibambene ngo 0-0.

Lo mdlalo obubhekwe ngabomvu ubuphakathi kwaMaZulu FC neRoyal AM abebethembisene induku ngaphambi komdlalo.

Nokho yize womabili amaqembu ezamile ukuwunqoba lo mdlalo, izinto azihlangananga agcina ecazelene amaphuzu.

Usuthu luwuqale kahle umdlalo yize bekunzima ukuhlanganisa kahle iminyakazo ngenxa yokushelela kwenkundla.

Luwakhile amathuba ambalwa ebelungalithola ngawo igoli ukube luwasebenzise ngendlela.

NeRoyal AM iye ngokubuya emdlalweni yaqala nayo ukusondela emapalini Osuthu.

Nokho nayo akukho simanga esikhombisile yize ike yangena kwavalwa amehlo ebhokisini izikhawu ezimbalwa.

FUNDA NALA: ISafa ithi isacabanga ezokwenza ngokuchithwa kwayo yiFifa

Usuthu luqhubeke la belugcine khona esiwombeni sokuqala njengoba beliyidudulela emuva iRoyal AM.

Belufika kube mnyama emini kodwa lufice uPeter Nyame engafuni lutho oluzothinta inethi yakhe.

Ngomzuzu ka-54 uNyame uvimbe elihle ibhola likaBoy De Jongh abelivuthele engaphakathi ebhokisini.

Ithuba elihle kunawo wonke kulo mdlalo litholwe uThembela Sikhakhane ozithole ephambi kwepali leRoyal AM.

Ukwazile ukujika unozinti kodwa wabe esevele eshaya ibhola eliphume eceleni kwaba wukuphunyuka kwezikaMaMkhize.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.