Kwenyuka izinga labaqeqeshi, kwehla elabadlali kuleli, kusho uMpangase

Kwenyuka izinga labaqeqeshi, kwehla elabadlali kuleli, kusho uMpangase
UPhelelani Mpangase
Alfred Ngubane 

UPhelelani Mpangase owaduma kakhulu ngokuyibamba emuva kwiMamelodi Sundowns uncoma ukwenyuka kwezinga labaqeqeshi bakuleli.

Ekhuluma neMpempe muva nje, uMpangase uthe uchazekile ngezimanga ezenziwa abaqeqeshi bakuleli ezigabeni zePremier Soccer League iDStv Premiership neGladAfrica Championship.

Akuphawule kakhulu  lo mdlali owaqala ibhola elikhokhelayo kwiNathi Lions wukuthi ngesikhathi linyuka izinga kubaqeqeshi, liyehla kubadlali.

“Umehluko usumcane kakhulu phakathi kwamazwe angomakhelwane ngezinga lebhola lezinyawo,” kusho yena.

“Into ewumehluko ogqamile wukuthi kwiPSL amaqembu akhona akhokha kakhulu kodwa izinga licishe lifane naseLesotho, Botswana, Namibia, Zimbabwe, Mozambique, Angola, Malawi, Zambia naseTanzania.”

Uthe phambilini into ebiyenza abadlali balikhiphe lonke ikhono labo yingoba bebenentshisekelo yokuyodlala phesheya okuyinto engasekho manje.

FUNDA NALA: Usevalelisile kozakwabo owoSuthu osebheke eGoli

“Manje abadlali abasalangazelele ukudlala phesheya kwezilwandle. Laphaya phesheya izinga lebhola alifani nakancane nelalapha. Laphaya udlala imidlalo yeligi eminingi.

Uthe abadlali bakuleli kumele ngabe balwela ukuthi amaqembu abo abonakale njalo emiqhudelwaneni yeCaf ngoba kulapho izinhloli zamaqembu aphesheya zigcwele khona.

“Uma udlala kwiCaf Champions League neConfederation Cup kulula ukuheha amehlo ezinhloli kodwa manje bahola imali eningi kuleli, bakhohlwe ukudlala ibhola elisenzingeni eliphezulu njengakuqala,” kuphetha uMpangase.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.