Kwenzakalani ngekati elidlala ngegundwane, lingalibulali? Buza iStellies

UThabiso Kutumela

OKADONGA GUMBI

Ukudlala umacashelana esikhundleni sokuthatha ibhola ilibeke enethini, iqede ngeMaritzburg United, kuyijikele iStellenbosch FC ishayelwa ekhaya ngo 1-0 kungafanele.

IStellies beyikhombisa ukuthi isekhaya, kuyiyo elawula lo mdlalo weDStv Premiership, futhi ifika iphindelela engxenyeni yezivakashi zayo.

Nokho beyifike kuthombe ukhiye, ingazi izokwenza kanjani ukuze ibhola ligcine ligaxele enethini.

Yehlulwe inqwaba yamathuba njengoba ukube beyiwasebenzisa, bekuyoyiwa ekhefini ihamba phambili okungenani ngo 3-0.

Nasesiwombeni sesibili beyilokhu incongoya, ingafuni ukwenza umsebenzi wena owabona ikati lidlala ngegindwane.

Nokho lokhu akuphethanga kahle kwiStellies egileke eseMamelodi Sundowns nayo eyayilokhu idlala ngeKaizer Chiefs ngeSonto kepha kwaphela umdlalo seyikhala.

NeStellies siphume enkundleni sesidemelayisa yonke into amaphuzu amathathu esemuke nomfula bebhekile.

IMaritzburg – okumele kunconywe ukuvala kwayo kahle emuva – ithole iphenathi sekusesikhathini esengezwe ngunompempe.

Isethenjwa sayo, uThabiso Kutumela akazange esalokhu ecucuza njengabeStellies, walibasela enethini wahamba wayojabula nozakwabo.

La maphuzu abebaluleke kakhulu kwiBlue Hearts njengoba eyivulise igebe eshiya ngalo amaqembu assezindaweni zezembe.

Ezika-Ernst Middendorp sezinamaphuzu angu-24 ngemuva kwemidlalo engu-23 futhi uma zingaqhubeka nokuwamba ngale ndlela amaphuzu zingagcina zingene ngisho kwiTop 8.

KwezikaSteve Barker, lo mphumela uzifake shi odakeni futhi uma zingajiki zingazithola sezivika izembe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *