Kwethulwe uhlelo lokugqugquzela iNetball KwaZulu-Natal

Kwethulwe uhlelo lokugqugquzela iNetball KwaZulu-Natal
Alfred Ngubane

Umnyango wezemidlalo nobuciko nobungcebeleka KwaZulu Natal wethule uhlelo lokuthuthukisa ibhola lomnqakiswano olubizwa ngeFriday Netball World Cup.

Lolu hlelo lwethulwe enkundleni yezemidlalo kwaMsane Sports Complex ngaseMtubatuba enyakatho yogu lwaKwaZulu-Natal.

UNgqongqoshe womnyango, uHlengiwe Mavimbela ukhulume neMpempe ngalolu hlelo ecacisa ukuthi yin inhloso yalo.

“Sethula ngokusemthethweni umkhankaso weFriday Netball World Cup njengoba ngonyaka ozayo kuzobanjelwa imidlalo yendebe yomhlaba kuleli,”  kusho okaMavimbela.

FUNDA NALA: IGalaxy ikhombise ubuntu iyobheka owePirates osesibhedlela

Le ndebe yomhlaba yebhola lomnqakiswano izoba seKapa eWestern Cape. OkaMavimbela uphinde waveza ukuhlabeka kwakhe umxwele ngokuqokwa kwabadlali abathathu eKZN abazodlala kwiSpar Proteas.

Laba abaqokiwe nguSamuke Ngubane, Nomfundo “Hlokoloza” Mthembu noMatha Mathe.

“Siyaziqhenya kakhulu ngabo,” kusho ungqongqoshe. Lo mkhankaso uzojikeleza zonke izifunda zesifundazwe kugqugquzelwa ukudlalwa kwebhola lomnqakiswano.

Kuphinde kwaphonselwa inselelo yokuthi ijezi leqembu lesizwe lebhola lomqakiswano ligqokwe njalo ngoLwesihlanu.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli selike lasingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba yemidlalo ehlukene.

Kwaqala ngo-1995 lisingatha iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo, kwathi ngo-2010 kwaba ngeyebhola lezinyawo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.