KwiCAF: Kuyaqansa kwiChiefs, iSundowns isazishosholozela nje

Unozinti weKaizer Chiefs, uDaniel Akpeyi

OKADONGA GUMBI
Sekuthanda ukuqansa kwiKaizer Chiefs emkhankasweni wayo wokudlulela esigabeni esilandelayo kwiCAF Champions League kulandela ukubambana ngo 0-0 ne-Athletic Petro De Luanda e-Angola ngoLwesibili kusihlwa.
Amakhosi asahleli endaweni yesithathu eqoqweni layo ngamaphuzu amahlanu, kanti ayalingana neHoroya engenhla kwabo ngenxa yesibalo samagoli esingcono.
IChiefs seyisalelwe yimidlalo emibili kuGroup C kanti izobhekana neWydad Athletic ekhaya ngo-Ephreli 2, bese ivala ngeHoroya ekuhambeni ngo-Ephreli 9.
Ngokwezibalo, ithuba liselihle kuMakhosi, yikho nje ukuthi sekuzomele isebenze ngokuphindiwe ukuze inqobe kwiWydad, bese noma ingadlalela ukuthola iphuzu kwiHoroya.
Yize umdlalo bewungelula njengowomlenze wokuqala, kodwa iChiefs iyoba ebiwulawula esiwombeni sokuqala futhi iwakhile amathuba ambalwa ebingakora ngawo.
Kuke kwanesiqubu la ihlasele khona kwavalwa amehlo kodwa isitobha sePetro sakwazi ukumvimba uLebogang Manyama akangakwazi ukuphenduka ukuze akhahlelele ipali.
Bekumele alibeke enethini ibhola ngomzuzu ka-43, uTiago Leal wePetro ngemuva kokuthola ibhola ebeligotshwe kwesokunxele, kodwa walingqofela eceleni.
UManyama ubethi uyibeka phambili iChiefs ngomzuzu ka-62, kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kade kuyi-free kick ayishaye ngobuchule.
Izamile iChiefs ukuthola igoli kulo mdlalo kwala yona inhlanhla njengoba umdlalo ugcine uphele ngo 0-0.
Mhlawumbe abanye bengathi uyinhlanhla lo mphumela ngoba iPetro beyiyingozi ifuna ukuvuka ngaMakhosi. IWydad neHoroya nabo badlale ngokulingana kuba ngu 0-0.
IMamelodi Sundowns, ekuGroup B, iqhubekile nokuzishosholozela njengoba ishaye iTP Mazembe yaseDR Congo ngo 1-0 ukuze iqhubeke neekhodi layo lokuwina kuleli qoqo.
Igoli lokuwina lishaywe ngoLebohang Maboe esiwombeni sokuqala kulo mdlalo obuseLoftus Versfeld, ePitoli.
Isayiwine yonke imidlalo yayo, futhi manje seyinamaphuzu angu-12 ngemuva kwemidlalo emine. Sekucacile ukuthi yiyo ezoqeda iphezulu kuleli qoqo njengoba inegebe lamaphuzu ayisishiyagalombili kanti idinga ngamaphuzu amabili kule midlalo emibili esele.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *