Lakhiwe ngezigubu ezindala zeplastiki ijezi leChiefs elisha

Lakhiwe ngezigubu ezindala zeplastiki ijezi leChiefs elisha
UKeagan Dolly egqoke ijezi elisha leKaizer Chiefs

UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Sithunyelwe

IKaizer Chiefs seyigcine ilethule ngokusemthethweni ijezi layo lesizini ezoqala maphakathi nale nyanga. Leli jezi leChiefs belivele selike laputshuka lavezwa ngaphambi kokuthi iqinisekise ukuthi yilona ngampela ezobe iligqoka kule sizini entsha.

Amakhosi aveze ukuthi ijezi ezoligqoka ekuhambeni kule sizini lakhiwe ngezigubhu zeplastiki esezisetshenzisiwe kodwa zabuyiselwa emuva ukuze zenze okunye.

Lokhu kuyinto enhle njengoba kuhambisana nemizamo yokongiwa kwemvelo nokungalahlwa budedengu izinto zepklastiki esezisebenzile.

Ijezi elisha leChiefs libukeka likhanga futhi abalandeli bakhombise ukulithakasela ezinkundleni zokuxhumana.

Omunye wabalandeli uthe elasekhaya limkhumbuza elaligqokwa yiqembu okwakudlala kulo uScara Ngebese eminyakeni edlule.

“Siyakujabulela ukufaka isandla ekongiweni kwemvelo,” kusho ophethe umkhakha wokukhangisa ngeqembu kwiChiefs, uJessica Motaung.

“Umzamo nomzamo kulokhu uyasiza futhi ubalulekile. Ngokusebenzisa uplastiki osusebenzile ukwakha izimpahla ezinhle kanjena sifuna ukugqugquzela wonke umuntu ukuba afake isandla ekongiweni kwemvelo.

FUNDA NALA: ISundowns seyilinde iPSL ngodaba lwenkanyeni yokuwina iligi amahlandla ayishumi

“Kuyasithokozisa ukuthi abadlali nabalandeli bethu bazoswenka ngaleli jezi eliyisimanga. Kuyamangaza ukusetshenziswa kokuchwepheshe besimanje ukuze kunikezwe iqembu lethu impahla yokusebenza enhle kanje,” kuqhuba uJessica.

IChiefs izoligqoka okokuqala leli jezi uma seyibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Cup e-Orlando Stadium ngeSonto ngo 5 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.