Le cwaka ngecala likaMaMkhize nePSL imumethe lukhulu

ITTM ingase igijime kwiPremiership, iRoyal AM ayiliyekile icala
UShauwn "MaMkhize" Mkhize nendodana yakhe u-Andile Mpisane
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Uke uzwe abesimame bekhulumela phansi bebodwa bethi “uma ithule cwaka indoda kusuke kukhona ephezu kwakho okungalungile”.

Ukuthula kukaShauwn “MaMkhize” Mkhize, ongumpathi weRoyal AM, kungase kungasho ukuthi usevumile ukuthi iqembu lakhe ngeke lidlale kwiDStv Premiership ngesizini ezayo, mhlawumbe usenzisa kwengqama usayothatha amandla amaningi.

Njengamanje iSekhukhune United iyona ezodlala kwiPremiership ngemuva kokuba ngompetha beGladAfrica Championship. Konke lokhu kuholele ekutheni iRoyal AM ifake icala, okumanje liseSupreme Court, ngoba ikholwa wukuthi iyona obekumele ibe ngompetha beChampionship.

Konke kuqale ngesikhathi iSekhukhune iwina icala layo nePolokwane City yase inikwa amaphuzu amathathu. Lokho bekusho ukuthi izoqeda ngephezulu kweRoyal AM uma iwina umdlalo wokugoqa isizini, nokuyinto egcine yenzekile.

Kube nesidididi ngesikhathi womabili amaqembu ebhiyoza ngemuva kokuwina imidlalo yokugcina, ezibona njengompetha beChampionship. Yize iSekhukhune iqede phezulu kodwa uMaMkhize nezakhe bebejabulela ukuba ngompetha ngoba bekholwa wukuthi iSekhukhune bekungamele inikwe amaphuzu amathathu sekusele umdlalo owodwa kusongwe isizini.

“Uma usisi Mato Mdlala enganginiki indebe yami yokuba ngompetha ngeke iqale isizini yePSL. Nakanjani ngizolwa,” uke wacashunwa esho kanje uMaMkhize.

FUNDA NALA: I-Arrows isayine izibabuli ezimbili zoThongathi

Usigcinile futhi isithembiso sakhe njengoba elwile futhi wangayingena indaba yokudlala imidlalo yokuhlunga egcine iwinwe yiChippa United.

“Amaqembu anemvume yokudlulisa amacala aze afike lapho egculiseka khona,” ucashunwe esho kanje uMato Madlala oyisikhulu esiphezulu sePremier Soccer League (PSL).

Sekuke kwavela ukuthi iRoyal AM ingase ihlawuliswe yiPSL u-R800 ngokungayidlali imidlalo yokuhlunga. Awukho nowodwa umdlalo wokuhlunga iqembu elizodlala phezulu, odlalwe yiRoyal AM ngoba ikholwa wukuthi le midlalo bekungamele iqale kusenecala elifakile.

IRoyal AM yathi inencwadi yenkantolo evimbela ukuqala noma ukuqhubeka kwale midlalo. Nokho iPSL iqhubekile nemidlalo yaze yaphothulwa, ingalubhadi iRoyal AM .

Akwaziwa okwamanje ukuthi isinqumo seSupreme Court sizophuma sithini kodwa nakanjani iPSL izobe ibambe umoya. Umbuzo okhona owokuthi ngabe isiphelile le mpicabadala noma abalandeli bebhola bazophinde babambe ongezansi eselidlulisele kwiCourt of Arbitation for Sport (CAS) icala uMaMkhize?

Wayethembise ukuthi ngeke ahlehle futhi kumele kulindelwe lokho. Yingakho le cwaka ekhona isolisa ukuthi imumethe lukhulu. Kuzothi la liqhuma khona igula, kushube.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *