Libe libi, laphinde laba lihle iviki ku-Ethan Brooks weTS Galaxy

Libe libi, laphinde laba lihle iviki ku-Ethan Brooks weTS Galaxy
U-Ethan Brooks
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Leli kube yiviki elize nezindaba ezinhle nezimbi kumdlali wasesiswini weTS Galaxy u-Ethan Brooks.

Iviki liqale ngezindaba ezimbi nathi azehlanga kahle kuyena zokushiya komqeqeshi u-Owen da Gama.

Lo mqeqeshi uhlukane neqembu ngoMsombuluko ngemuva kokungahambi kahle kwemiphumela
selokhu kuqale isizini.

IRockects ayikawini emidlalweni yeDStv Premiership nokwenza ukuthi iyivale emsileni kwilogi.

“Unginike ithuba lokuthi ngidlale kwiDStv Premiership, ngakho kubuhlungu kakhulu ukumbona elishiya iqembu.

“Nokho ngifunde lukhulu kuyena,” kusho uBrooks olandwe uDa Gama eqenjini leDStv Diski Challenge wamyusela eqenjini elikhulu.

Ukushiya kukaDa Gama kuchaza ukuthi uShaun Bartlett uyena ozobamba okwesikhashana njengomqeqeshi.

Uzobamba kuze kunqunywe ukuthi ubani ozothatha izintambo ngokuphelele kwiRockets.

“Umqeqeshi uBartlett unolwazi olukhulu lwebhola. Yilokho engikufundayo kuyena njengamanje njengomqeqeshi.

“Lokho kubalulekile kimina nakuwo wonke umuntu olapha. Ufike nezinto ezintsha,” kusho uBrooks.

Ubuye wathola izindaba ezinhle uBrooks njengoba ephinde wabizwa kwiBafana Bafana ezobhekana ne-Ethiopia emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, eQatar.

Udlale kahle kakhulu iNingizimu Afrika ibhekene neGhana emdlalweni ewuwine ngo 1-0 ngasekuqaleni kwenyanga.

“Yinto enkulu kimina ukuphinde ngibizwe eqenjini lesizwe. Ngiyajabula kakhulu ukuthi ngizoba laphaya ngikhombise ikhono lami uma nginikwa ithuba lokudlala.”

IBafana izobhekana ne-Ethiopia ngo-Okthoba 9 ekhaya, bese ivakashela lona leli lizwe ngo-Okthoba 12. UBrooks uthe kubalulekile ukuthi bayiwine yomibili le midlalo.

“Kusemqoka kakhulu ukuthi siyiwine le midlalo, ngoba kuzosigcina eqhulwini kwilogi, kusinike nethuba lokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uBrooks.

FUNDA NALA: Kuvela ukuthi uKhenyeza angase ashaywe ngesithende kwi-Arrows 

IRockets aziyihambeli kahle izinto kodwa uBrooks ungomunye wabadlali bayo abenza kahle.

“Asiqalanga kahle emidlalweni yokuqala emihlanu. Nokho nginalo ithemba, kanjalo nabanye ozakwethu bacabanga njengami, ukuthi singasijika isimo esikusona.”

I-TS Galaxy kumele ijike izinto uma isibhekene neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership eMbombela Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.