Lichazekile iwele le-Arrows ngomsebenzi abawenza kule sizini

UBrendon Parusnath weGolden Arrows

MTHOKOZISI MNCUSENI

Liyakholelwa kokwenziwa yiLamontville Golden Arrows ngaphansi kobuholi bukaMandla Ncikazi elinye lamawele Abafana Bes’thende uBrendon Perusnath.

Kusukela kuqale isizini i-Arrows ilokhu imangaze njalo ngemiphumela kodwa uma ubheka kahle akukho badlali abaziwayo eqinise ngabo yize kukhona abaningi abebemqoka kuyona abahambile.

Okwenziwe yi-Arrows ukuphinde ingene ishone ezinkulisa zayo ikakhulukazi eqenjini layo leMultichoice Diski Challenge (MDC), yabuya nezinduku ezintsha.

Kulapho kuvele khona ukhilimu wethalente labafana abancane uNcikazi aseqhamuke necebo lokubahlanganisa kahle okufakazelwa ukuthi Abafana Bes’thende babalwa namaqembu abanga isicoco seligi, yize yona ingabangi msindo ngalokhu.

Amawele akwaPerusnath aqhamuke kulabo badlali abebeqotha kwasani kwiMDC ngaphansi kobuholi bukaVusi “Kanu” Vilakazi, owayedlala kulo leli qembu laseThekwini kudala.

Kule sizini uBrendon (ogqoka unombolo 6) uyena ogqamile esikimini kwazise useyidlale cishe yonke imidlalo kule sizini ngaphandle uma elimele kumbe enesigwebo samakhadi.

Ujabule ngakho konke okwenzeka eqenjini lakhe futhi uyakholelwa ekutheni kukude lapho beya khona yinqobo nje uma bengakukhiphi ekhanda ukuthi banawo amava okuqoqa amaphuzu agcwele ngisho ngabe badlalela kuphi eNingizimu Afrika.

I-Arrows, eseLimpopo, ishaye iBlack Leopards ngo 3-1 ovuthayo koweligi eThohoyandou ngeSonto kanti inomdlalo neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) ngaphansi kwayo belu iDStv Premiership ngoLwesithathu ngo-5 ntambama e-Old Peter Mokaba Stadium.

Ifomu yakamuva yeTTM ayimhleli kahle uPerusnath kodwa umile ekutheni iwini ikhona.

“Ngeke kube lula ngoba basenkingeni yamaphuzu futhi kukhona ifomu abakhombisa izimpawu zokuthi bayayithola.

“Ngenxa yalokhu silindele umdlalo onzima. Yize kunjalo uma sizoqhubeka nokwenza lokhu ebesikwenza isizini yonke nakanjani amathuba okuthi sibuyele ekhaya namaphuzu amaningi aseLimpopo akhona,” usho kanje.

“NakwiLeopards bekulukhuni satshe kwazise nesimo sezulu besiwumthwalo sisodwa kodwa sakwenza okufanele sishaya amagoli amathathu,” kusonga yena.

I-Arrows ilele isine kwilogi yeDStv Premiership lapho isele khona ngamaphuzu amane kwiMamelodi Sundowns eqhakwele.

I-Orlando Pirates neSuperSport United abasendaweni yesibili neyesithathu ngokwahlukana bashiya i-Arrows ngephuzu elilodwa namabili ekubeni sebedlale imidlalo engu-20 yona isadlale engu-18.

Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni
Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.