Lidlale ngejezi lasekuhambeni Usuthu lubambana neGallants

Lidlale ngejezi lasekuhambeni Usuthu lubambana neGallants
UMBIKO: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Kumangazile ukubona AmaZulu FC kuyiwona agqoke ijezi lasekuhambeni ngesikhathi ebhekene neMarumo Gallants emdlalweni obusuqhutshwa weDStv Premiership ngoLwesine.

Lo mdlalo umisiwe ngoLwesithathu ngoba kushayisana amajezi eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Bekusaphele imizuzu eyishumi umdlalo uqalile, onompempe bakhala ngokuthi ngeke bakwazi ukuthatha kahle izinqumo ngenxa yokufana kwemibala yamajezi.

Kuhlalukile ukuthi iGallants ibingaliphethe elinye ijezi njengezivakashi, kanti abaMaZulu abakwazanga ukushintsha elabo ijezi.

Akwaziwake noma Usuthu nalo belufike nejezi elilodwa yini eKing Zwelithini Stadium.

Umdlalo uphindwe ngoLwesine kulandelwa umyalelo wePremier Soccer League (PSL).

Okuhlalukile ukuthi Usuthu yilona olungene enkundleni lugqoke ijezi elimhlophe, hhayi eliluhlaza ebeliligqoke ngoLwesithathu kwaze kwamiswa umdlalo.

Umbuzo omkhulu owokuthi kanti alucelwanga ngani Usuthu ukuthi lushintshe ijezi bese umdlalo uqhubeke ngalo Olwesithathu?

Ubungalindela ukuthi mhlawumbe kucelwe muntu thile ukuthi athathe indiza eze nelinye ijezi leGallants eThekwini.

Phindeke akuzange kwenzeke lokho kunalokho wuSuthu olushintshile.

Ukuhlehliswa komdlalo kuza nezindleko ezinkulu, hhayi nje emaqenjini asuke edlala kuphela.

Izisholo yona iPSL ukuthi kudingeke bacele abasakazela iSuperSport ukuthi bahlale eThekwini, ukuze baveze umdlalo ngoLwesine, okuyinto abebengayihlelile.

Izindleko ezinkulu lezo. Vele ibikhona imibuzo efana nokuthi kungani ingaxazululwanga ngaphambi komdlalo indaba yokufana kwamajezi.

Ngaphambi kwayo yonke imidlalo yePSL, kuba nomhlangano lapho kudingidwa khona izinto ezifana namajezi asuke
ezogqokwa nokunye.

Lokhu kwenzeka kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo.

FUNDA NALA: UParker ukhala ngabalandeli kowomkhaya

Mhlawumbe izincazelo ezikahle mayelana nokwenzeke kulo mdlalo zizoqhamuka kahle uma umbiko sewufikile kwiPSL.

Nakanjani kukhona okumele anike incazelo ukuthi kufikwe kanjani kulesi simo esihlaza iPSL kanje, ikakhulukazi
ngasohlangothini lweGallants.

Emdlalweni wangoLwesine amaqembu ashayane aze abukana umdlalo wagcina uphele ngo 0-0.

Akukho okutheni okwenzekile emdlalweni yize womabili amaqembu ezamile ukwakha amathuba okushaya amagoli.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.