Ligcwale umoya kuDa Gama, kuzobamba uBartlett kwiGalaxy

Ligcwale umoya kuDa Gama, kuzobamba uBartlett kwiGalaxy
U-Owen Da Gama
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ligcine ligqabukile igoda phakathi kweTS Galaxy no-Owen Da Gama kulandela ukugqoza kwemiphumela kuleli qembu.

Lokhu kuqinisekiswe yiqembu esitamendeni esingeside sokuthi bavumelene nalo mqeqeshi ukuthi bahlukane ngokuthula.

ITS Galaxy ibhaxabulwe kabuhlungu yiRoyal AM ngo 4-2 ngeSonto. Empeleni kule sizini leli qembu likaTim Sukazi  alikawini nowodwa umdlalo.

Lokhu kwenza ukuthi liyibambe emsileni kwilogi yeDStv Premiership. IRockets isadlale ngokulingana kabili emidlalweni emihlanu yeligi, yathola isibhaxu kwemithathu.

UShaun Bartlett nguyena ozobamba izintambo okwesikhashana kwiRockets njengoba ebeyiphini likaDa Gama.

Iqembu lizobe liqala lifuna umqeqeshi elizovala ngaye isikhala sikaDa Gama owafika ethenjiwe kulo.

FUNDA NALA: Iqine ngokwanele iBafana yize uTau ezobe engekho

UBartlet uthe akumnandi ukuthi uzongena esikhaleni somuntu abesebenzisana kahle naye.

“Kuyaphoxa uma uzakwenu eshenxiswa eqenjini. Ngiceliwe yiqembu ukuthi ngibambe okwesikhashana,” kusho uBartlet.

“Sizobona ukuthi sizijika kanjani izinto kodwa okubalulekile ukuthi sakhele kulokhu umqeqeshi u-Owen abesekuqalile.

“Umdlalo olandelayo yiwona obaluleke kakhulu. Kuningi okuhle umqeqeshi abekwenzile ngaphambi kokuba ashenziswe.”

IRockets izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weligi ngoMgqibelo eMbombela Stadium.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.