Lisamudla igoli likaNurkovic athi kwakungafanele livunywe oweWydad

Lisamudla igoli likaNurkovic athi kwakungafanele livunywe oweWydad
USamir Nurkovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weWydad Athletic, uFaouzi Benzarti uveze ukuthi inhliziyo isaqaqamba ngegoli likaSamir Nurkovic abahlulwa ngalo yiKazier Chiefs elenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu kwiCAF Champions League.

Leli goli laqale laphikwa, umsizi kanompempe wathi uNurkovic ulishaye esesendaweni engamfanele. Kodwa kwathi uma sekubhekwa iVideo Assistant Referee (VAR), kwatholakala ukuthi ubesesendaweni emfanele, labekwa emlotheni.

Kodwa uBenzarti usakhala namanje ngaleligoli likaNurkovic. Uthi uselibuke kaningi futhi namanje ukholwa wukuthi babanjwa ngophondo kulo mdlalo owawuseStade Mohammed V, eCasablanca.

“Umuntu nomuntu unelungelo lokuhlaziya umdlalo ngendlela abona ngayo, mina ngabona senze okuningi kahle kulowa mdlalo yize sehlulwa,” kusho uBenzarti.

“Uma ubheka la okwaqala khona umnyakazo ngaphambi kwegoli likaNurkovic uyabona ukuthi wayesesendaweni engamfanele. Akekho okhuluma ngalokho kodwa mina ngabona kanjalo.

“Ngokujwayelike, uma siseMorocco sihlasela kahle futhi sishaya amagoli amaningi. Ngisho kwiChampions League siyawashaya amagoli, kodwa kwesinye isikhathi ayakuhlula amathuba.

“Yinto yakhona ebholeni leyo futhi kwesinye isikhathi nenhlanhla iba nomthelela,” kuchaza uBenzarti ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu kusihlwa.

Funda nala: Isikhulu sePirates sichitha ekaKomphela kuleli qembu

IWydad ikuleli ukuzozama ukujika lo mphumela abawuthola ekhaya ukuze idlulele kowamanqamu. Ilandela emuva ngo 1-0 ngaphambi kokudlala eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 kusihlwa.

“Size eNingizimu Afrika ngemuva kokudlala umdlalo weligi esiwuinile. Ukubuyela kwiKaizer Chiefs, sasingcono kakhulu kunabo emdlalweni. Sasiwuphethe umdlalo.

“Uma ubheka amakhona, ukukhahlelela ipali, ukuphatha ibhola yithi esasihamba phambili kukho konke. IChiefs yaba namathuba amathathu kuphela. Siyazi ukuthi noma sesidlala ekuhambeni sizobe singcono kunabo.

“Siyiqembu elaziwayo ngokuhlasela, nakulo mdlalo sizobe sihlasela. Sizozama ukuwuphatha umdlalo. Siwulungele ngokomqondo nangokwemizimba lo mdlalo,” kusho uBenzarti.

Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.