Likhishwe selisemgodleni iphuzu kwiChiefs ishaywa yiTshakhuma

UNtombayithethi Ndlondlo noSamir Nurkovic

OKADONGA GUMBI

Ikore ngebhola elibe wumnyakazo wokugcina womdlalo iTshakhuma Tsha Madzivhandila ishaya iKaizer Chiefs ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili kusihlwa.

Cishe Amakhosi abeselibalile iphuzu ukuthi liyangena emxhakeni wayo ngesikhathi iTTM ishaya igoli lokuwina, yawagcina wonke amaphuzu kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium.

Umdlalo uqale womabili amaqembu ehubhana udede kuyilelo nalelo lifuna ukuzibeka phambili ngokushesha, kodwa lokhu akusebenzanga.

Ngokuhamba komdlalo, iChiefs izame ngenye indlela, yehlisa ijubane izama ukusuka nalo emuva ibhola ukuze izibone kahle izintuba zokudlula odongeni lweTTM.

Kodwa ivele yagqemeka udume lwengozi ngomzuzu ka-39 ngesikhathi isiqala ukuyihlanganisa kahle iminyakazo.

UNjabulo Blom, obesevele enekhadi eliphuzi, uvele wazicelela elesibili ephuthaza uNdabayithethwa Ndlondlo waze wamqumba phansi.

Unompempe akabanga nomona, wamnika lokho abekufuna wabe esemyalela ukuba ayokwehlisa ulaka ngokushaya amanzi bese eyobuka ehleli ngaphandle.

Emizuzwini emibili ukusuka lapho, iTTM ikusebenzisile ukuthi izimbangi zayo seziyashoda, uThabo Rakhale washaya elihle igoli.

IChiefs icishe yasheshe yalithola elokulinganisa esiwombeni sesibili, kodwa uWashington Arubi walivimba ibhola likaSamir Nurkovic.

UCelimpilo Ngema uthole oqekelele amabili bamathuba, kodwa wawamosha womabili.

Kuthe kusenjalo, iChiefs yathola iphenathi. Nokho uVictor Hlungwani ubeqale wayiphika. Kodwa ngemuva kokukhuluma nabasizi bakhe walikhomba emlotheni.

U-Arubi ulivimbile ibhola likaLebogang Manyama, kodwa laphunyuka labuyela kuye lo mdlali wabe eselinamathisela enethini.

NeTshakhuma incishiwe iphenathi ngemuva kokuthi ibhola lizishayise engalweni kaRamahlwe Mphahlele.
Sekusele imizuzu engaphansi kancane kuka-15, uBernard Parker ubekelwe elihle ibhola nguNurkovic kodwa lashayisa epalini selimdlile u-Arubi.

Nokho ube eseyibekela ngomzuzu wokugcina, kulandela ukuba uSiyabonga Ngezana naye eliyinte ngengalo ibhola.

UManyama ube eseliqabulisa inethi, yasala inkemile iChiefs. Lo mphumela ugxumise iTTM yeqa iChippa – abazodlala nayo owamanqamu kwiNedbank Cup ngoMgqibelo – yaya endaweni ka-14.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.