Limi ngothi kwiChippa, kodwa uHeric uthi bazosinda ezembeni

Abadlali beChippa United

SIHLE NDLOVU

Kukhona okusina kujeqeza iChippa United esahleli endaweni yesibili ukusuka emuva kwilogi yeDStv Premiership.

Kuphinde kwangahamba kahle kwiChilli Boys eshaywe yiBloemfontein Celtic ngo 2-1 emdlalweni weligi ngoLwesibili.

IChippa ibihamba phambili ngo 1-0 isikhathi eside kulo mdlalo kodwa yavumela iCeltic ukuthi ibuye ishaye amagoli amabili sekusele imizuzu engu-20 ukuthi kuphele umdlalo.

Njengamanje iChilli Boys isendaweni engeyinhle neze kanti inamaphuzu angu-25 njengoba isalelwe yimidlalo emibili. Ngemuva kwayo kukhona iBlack Leopards enamaphuzu angu-19, kanti yona isalelwe yimidlalo emithathu.

UVladislav Heric uthe bazenzele phansi bona kulo mdlalo obekumele bawuwine nakanjani ukuze bazibeke endaweni engcono.

“Ngicabanga ukuthi sizishaye thina namuhla ngokudlala umdlalo ohlukile ngesiwombe sesibili. Sibavumele ukuthi badlale, asizange sibavale ngendlela.

“Besilahlekelwa yibhola phambi kwebhokisi lethu, futhi senze amaphutha. Bese singahlelekile futhi besihluleka ukukhipha ibhola ebhokisini lethu, sibadedelile bashaya amagoli alula.

“Uma kumele sisuse umhlolo ekhaya besingathathi isinqumo ngokushesha. Lokho kuholele ekutheni iCeltic ibuye ngamandla.

“Bebedlala kahle wonke umdlalo, iCeltic yiqembu elihle kakhulu, kunzima ukudlala nabo. Sebedlale ndawonye isikhathi eside, uyabona ukuthi bakhulile, bayazi ukuthi benzani,” kusho uHeric.

IChippa isenkingeni njengoba izodlala neTshakhuma Tsha Madzivhandila emdlalweni olandelayo ngoJuni 2 ePeter Mokaba Stadium.

Leli qembu (iTshakhuma) likhombisa ukuvuka kakhulu njengoba sekuzosongwa isizini.

Emdlalweni wokugcina iChilli Boys izophinde ibhekane nomqansa njengoba izoyivala neSuperSport United eNelson Mandela Bay Stadium ngoJuni 5.

“Kumele sisebenze kanzima, kufanele sandise isikhathi sokuziqeqesha. Kumele sizame ukulungisa amaphutha ethu ngokushesha.

“Sinamasonto amabili ukuzilungiselela futhi imidlalo emibili esele ibalulekile. Ngicabanga ukuthi sizothola imiphumela emihle kuleyo midlalo emibili,” kuphetha uHeric.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *