Limlandelile ibhadi owayekiwPirates exoshwa esethembile

Limlandelile ibhadi owayekiwPirates exoshwa esethembile
Sbongs Gumbi

Liphinde lamlandela ibhadi lokuxoshwa elamqala esekwi-Orlando Pirates uJustin Shonga iSekhukhune United ithi iyalubonga usizo kwakhe.

UShonga wafika kuleli ebatshazwa ukushisa wajoyina iPirates ekubeni noPitso Mosimane wayemfuna ukhasha esekwiMamelodi Sundowns ngaleso sikhathi.

Nokho iPirates yavele yamgxala kungazelele muntu lo mdlali kumasizini amabili adlule, waphenduka umantanta nendishi.

Wabe esecoshwa yiTshakhuma United kodwa nakuye waphenduka izambane elishisayo yasheshe yamthimisa engakadlali kwakudlala.

Wabe esephephela kwiCape Town City afike wadlala kuhle nakuyo kwanethemba ukuthi izinto zakhe zizohlanga kwazise yiqembu elingenangcindezi.

Nokho nayo yabuye yakhathala nguye yabe seyimkhulula ukuba abone ubhekaphi. Kwaqhamuka i-Ismalily yase-Egypt yamthatha ngethemba lokuthi mhlambe uma esekuyo izinto zizojika.

Nokho nayo ayikwazanga ukumgcina isikhathi eside njengoba yamdedela kusaphele izinyanga ezintathu efikile.

FUNDA NALA: Kuqhume umkikizo kubalandeli iChiefs igxala uParker

Ubuye kuleli wamukelwa yiSekhukhune futhi wayikhombisa esanda kufika ukuthi ayenzanga iphutha eshaya amagoli amahle kodwa kwabuye kwabhimba njengoba esegxaliwe nakhona.

Akuyena ke yedwa njengoba bengu-14 sebebonke abadlali abaxoshwe yiSekhukhune belandela u-Owen Da Gama obengumqeqeshi wayo isinyanga ezimbili naye ogxakwe kuleli viki.

Naba abadlali abasohlwini olukhishwe yiSekhukhune ngoLwesihlanu lwabadlali engasabadingi eduze kwayo ngesizini ezayo.

1. Ayanda Dlamini
2. Tapuwa Kapini
3. Sello Motsepe
4. Cheslyn Jampies
5. Lucky Boy Mokoena
6. Evans Rusike
7. Justin Shonga
8. Tshediso Patjie
9. Tumelo Matona
10. Sibusiso Mbonani
11. Siyabulela Shai
12. Seun Ledwaba
13. Charlton Mashumba
14. Rebone Ntsoane

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.