Liphinde lopha kuZwane ozama ukubumba kabusha iChiefs

Liphinde lopha kuZwane ozama ukubumba kabusha iChiefs
Alfred Ngubane

Kuzomele babe nesineke abalandeli beKaizer Chiefs uma kuwukuthi bafuna u-Arthur Zwane alibuyisele ebholeni ezolenza liphinde lisatshwe leli qembu labo.

Lokhu kuvele ngesikhathi iChiefs ikhombisa ukuthi kukhona okuhle okuzokwenzeka ngaphansi kobuholi bukaZwane kodwa mningi umsebenzi okusazomele wenziwe.

Uma iphethe ibhola, iChiefs iba yinhle kakhulu futhi idlala into ebonakalayo. Kodwa uma ike yalilahla kuvele kuthombe ukhiye.

IChiefs iqale idlala kahle kulo mdlalo, iphaselana kamnandi futhi uma iya phambili ikhombisa inhloso yokufuna igoli.

Yiyo le ndlela uZwane abevele ethe ufuna lidlale ngayo leli qembu njengoba selibuyiselwe kuye kulandela ukuxoshwa kukaStuart Baxter.

Kuzokhumbuleka ukuthi ukushilo uZwane ngempelasonto ngemuva kokushawa yiStellenbosch ukuthi ufuna iChiefs ibuyele ebholeni layo, hhayi ukugijima ibheke phambili njalo uma iphethe ibhola.

Negoli layo libe wumphumela womnyakazo omuhle okhombise ubuchule kusukela emuva. UNkosingiphile Ngcobo ukhiphe enhle iphasi iya kuLeonardo Castro esebhokisini.

Ube esephenduka ejika isitobha se-Arrows qede walibeka ngesinono phambi kukaKhama Billiat obe eselinamathisela enethini kalula.

Ne-Arrows ivukile ngemuva kwaleli goli seyibona ukuthi uma inganakile ingazithola ithola isibhaxu esibi ekhaya.

Nokho beyibukeka iphelelwa amaqhinga uma seyisondela eduze namapali kaBrandon Petersen, bese idlala ngamabhola.

FUNDA NALA: ISundowns seyibheke ukubhodlela kwiCity ngemuva kwehlazo leChampions League

Nasesiwombeni sesibili bezisahubhana kodwa kuyiChiefs ekhomba ubungozi uma iya phambili njengoba i-Arrows beyisadukelwe wukhiye wokuvula emuva kuMakhosi.

Nokho uNjabulo Ngcobo ube eseyilekelela epha uSiboniso Conco ibhola phambi kwebhokisi langakubo qede lo mdlali wayobhekana ngqo nonozinti weChiefs.

Akabange esalenza ke iphutha, walinamathisela enethini kwaba ngu 1-1 kanti leli goli liyifake umdlandla i-Arrows yabuya ngamandla.

UNgcobo uphinde wenza elinye iphutha epha Abafana Bes’thende ibhola kodw akulokhu waba nenhlanhla yokuthi ibhola likaSaziso Magawana liphume eceleni kade libukeka selimdlile unozinti.

Ligcine limdlile lo nozinti sekusele imizuzu emine kuphele umdlalo ngesikhathi uMichael Gumede – obesuka ebhentshini – elibasela enethini.

Leli goli liqinisekise ukuthi i-Arrows iyishaya kabili iChiefs kule sizini okuyinto yokuqala ukwenzeka.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.