LIPHINDE LOPHA: Umqeqeshi weSharks usale edangele ezakhe zihlulwa yizinto ezilula

Abadlali beSharks
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Sharks

Umqeqeshi weCell C Sharks, uSean Everitt uzwakale ephoxekile ngesikhathi ekhuluma ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaywe yiDHL Stomers ngo 25-22 emdlalweni weRainbow Cup SA eJonsson Kings Park ngoMgqibelo.

Ukushaywa kweSharks kumele kumkhathaze umqeqeshi ngoba okwesibili kulandelana ilahla amaphuzu kulo mqhudelwano. Iqale yathelwa ngehlazo ishaywa yiVodacom Bulls ngo 43-9 njengoba iphinde yashaywa ngempelasonto.

Akhala ngakho kakhulu u-Everitt ukuthi bawuqala kahle umdlalo kodwa benza amaphutha abenzela phansi ekugcineni ilakhulukazi kwi-scrum nakuma-lineout.

“Ama-lineout abaluleke kakhulu ekuphatheni umdlalo nokushaya ama-try. Asemqoka kakhulu kuma-try ashaywa emdlalweni ehambisana nokuntshontsha ibhola ezitheni ngakho ngiphoxeke kakhulu,” kusho u-Everitt.

“Indlela ebesithatha ngayo ama-lineout ngesiwombe sokuqala beyiyinhle kakhulu kodwa kwashintsha konke ngesiwombe sesibili. Ngalokho kumele sincome iStormers banabadlali abahle kakhulu oMarin Orie, Pieter-Steth du Toit noJD Schickerling. Mkhulu umsebenzi osihlalele thina kulolo hlangothi.”

Mhlawumbe okubalulekile kubadlali beSharks ukuthi bazame ukusebenza ngokuzikhandla yize u-Everitt eke wakusho phambilini ukuthi ufuna umdlali ozoqinisa le ndawo ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ekuqaleni kwesizini. Njengoba iqembu lizodlala kwiPRO 16 ngemuva kweRainbow Cup iSharks kuzomele igweme ukulokhu ishisa ibanda ngoba ingazithola ithelwa ngehlazo amaqembu aphesheya.

ISharks izobuyela enkundleni ngokubhekana neLions ngoJuni 5 ekuhambeni. Izovala imidlalo yeRainbow Cup ngokubhekana neBulls ngoJuni 12 eJonsson Kings Park. Njengamanje isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-11. Akukubi kangako ngoba iBulls ezihola phambili nayo ishayiwe ngempelasonto.
Email: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *