Siqinile isikwati seBanyana ezobhekana neNetherlands

UBambanani Mbane
Sihle Ndlovu

Isikwati seBanyana Banyana esizongcweka neNetherlands sikhombisa ukuqina kakhulu njengoba umqeqeshi uDeseree ezama ukuligcina lihlangene.

Lo mdlalo wokuzilungiselela i-Africa Women’s Cup of Nations uzokuba ngo-Ephreli 12 ekuhambeni. I-AWCON yona izokuba ngoJulayi, eMorocco, kanti iqembu lika-Ellis lizobe libheke ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba okwesibili kulandelana.

“Lokhu kuyingxenye yokulungiselela i-AWCON. Kodwa futhi kuzoba kuhle kakhulu ukuthi kuvivinye abadlali bethu uma bebhekene nezimbangi eziphezulu kunabo,” kusho u-Ellis.

“Kumele sibone ukuthi abadlali bethu bayakwazi ukuba sesimeni somqondo esikahle yize bengakaze badlale imidlalo yeligi kulo nyaka,” kusho u-Ellis.

Okuhlalukayo ukuthi abadlali abaningi kuleli qembu baqhamuka kwiMamelodi Sundowns.

Selilonke iqembu limi kanje:

Onozonti: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns), Kaylin Swart (JVW)

Abasemuva:
 Lebohang Ramalepe (Dinamo-BGU FK), Karabo Dhlamini (Mamelodi Sundowns), Koketso Tlailane (TUT), Janine Van Wyk (JVW), Tiisetso Makhubela (Mamelodi Sundowns), Bambanani Mbane (Mamelodi Sundowns), Noko Matlou (S.D. Eibar)

Abasesiswini: Mamello Makhabane (JVW), Nomvula Kgoale (C.D. PARQUESOL)Linda Motlhalo (Djurgardens), Noxolo Cesane (UWC), Gabriela Salgado (JVW FC), Thalea Smidt (Mamelodi Sundowns), Kholosa Biyana (Sporting Gijon), Robyn Moodaly (JVW), Sibulele Holweni (UWC)

Abagadli: Thembi Kgatlana (Atletico Madrid), Jermaine Seoposenwe (SC Braga), Melinda Kgadiete (Mamelodi Sundowns), Nthabiseng Majiya (Richmond Ladies FC)

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.